UGWETSHWE iminyaka engu-15, ebhadla ejele owesilisa waseNewcastle, olahlwe yicala lokweba amakhebula kagesi ngeledlule.
Ngokusho kokhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, iNkantolo yesiFunda yase Newcastle imlahle ngecala maqede yamgwebela uLindokuhle Sibiya (36).
UMhlongo uthe le nkantolo yenze isinqumo sokuthi uzosidonsa ngaphakathi isigwebo sakhe uSibiya.
Elandisa ngokuboshwa kwakhe, uthe waboshwa ngoKlebe ngaphansi kophiko iSerious Organised Crime Investigation ngo-Agasti, 2021.
"Amalungu ethu athola ulwazi ngemoto okuthiwa yayibandakanyeka ebugebengwini bokwebiwa kwamakhebula aseTransnet endaweni yaseKingsley. Kwabe sekuthintwa izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa ukuphuma zinkalo zonke ziyobheka," kusho uLt Col Mhlongo.
Uthe nebala imoto yaficwa ipakwe emgwaqweni uR33 phakathi kweVryheid neDundee.
"Kwathi iseshwa ngamaphoyisa, kwatholakala amakhebula alinganiselwa kwintengo enguR105 000 yasemgwaqweni," kuchaza uLt Col Mhlongo.
Uveze ukuthi amaphoyisa abuye athola ne-bolt cutter, i-generator ne-grinder, okungamathuluzi lona wesilisa awayewasebenzisa uma enza lobu bugebengu.
Uqhube wathi la makhebula ahlolwa ngempumelelo wuchwepheshe waseTransnet, amkhalela kanjalo ke amasongo kaSigonyela uSibiya, ebekwa icala lokweba nelokucekela phansi ingqalasizinda ebalulekile.
UMhlongo uthe ibheyili akayitholanga lona wesilisa ngesikhathi enza isicelo sakhe kanti icala beliqhubeka nokuqulwa ephakathi kwaze kwaba uyagwetshwa ngeledlule.