IHAMBA icala indoda eneminyaka engu-27 eboshelwe ukubulala isalukazi esiyisihlobo sayo, okuthiwa isigqeme ngesivalo sikagalaza webhodwe lokupheka phansi sashona.
UNkk Mavis Mntungwa (92) waseNyazi, eRichmond kuthiwa ushawe yile nsizwa ngesikhathi ivuka indlobane ihlasela amalungu omndeni.
Akuqondakali ukuthi ibicasulwe yini kodwa kuthiwa ibibhokile ihlasela wonke amalungu omndeni. Kuthiwa ngaphambi kwalokho, le nsizwa ibike yashaya kanzima ingane okungaziwa ukuthi ibiyenzeni.
Kuthiwa lo mlisa ngesikhathi ehlasela isalukazi akakhombisanga zwelo. Uthathe isivalo sikagalaza okuthiwa siyasinda wagqema ngaso isalukazi saze sashona.
Kuvela ukuthi kwale ngisho umfowabo kamsolwa elamula emkhuza kwaba nhlanga zimuka nomoya, kwasho ukuthi isaguga sesishayekile. Kuthiwa kusize ukungenelela kwamakhansela oMkhandlu waseRichmond ukuze umsolwa agcine eboshiwe wabhekana namacala akhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMid Illovo alusingethe udaba ambophile umsolwa, uhamba inkantolo.
“Amaphoyisa aseMid Illovo aphenya icala lokubulala emuva kokuthi umlisa oneminyaka engu-27 ehlasele owesifazane oneminyaka engu-92 wambulala. Umsolwa uboshiwe uhamba iNkantolo yeMantshi eRichmond,’’ kusho uConstable Ngcobo.
Udaba selungenelwe nawuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza ogxeke ukubulawa kwesaguga.
“Ukukhishwa komphefumulo womuntu omdala osuke eseyigugu lethu, akwamukeleki, akufanele kwenzeke emphakathini. Siduduza umndeni kulesi sikhathi esinzima kangaka. Sifisa abezomthetho bangabi nomusa nakancane kubantu abenza ububi obunje,’’ kusho uNgqongqoshe.
Uthe umnyango uthumele ithimba elizobonana nomndeni bese liyaweseka ngayo yonke indlela. Uthe okubaluleke kakhulu wukuthi bathole ukwelulekwa ngokwengqondo abomndeni ababhekene nalesi isimo.