UBHOBOKE kwabaseNdlunkulu uMntwana uPhumzile Buthelezi, indodakazi yomsunguli we-IFP noNdunankulu kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokwenze uyise adlule emhlabeni engasabuthi quthu ubothongo futhi engasadli emva kwesehlakalo lapho iSilo esibusayo uMisuzulu kaZwelithini sashaya itafula simkhaca.
Utshele ithimba laseNdlunkulu ebelizokhalisana nomndeni emva kokudlula emhlabeni kwalo mholi ngempelasonto.
Ethimbeni ebelihambele kwaPhindangene bekukhona nohlangothi olweseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini osembangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
UMntwana uPhumzile uthe uShenge wamshayela ucingo emtshela ukuthi uhlukumezekile emva kokuthi ebe nomhlangano neSilo.
Kuvela ukuthi kulo mhlangano owawuvalelekile, iSilo saqoshamisa amazwi ngesikhathi sikhuluma noNdunankulu.
“Into embulale kakhulu yile nto yaseNdlunkulu, abekhala ngayo kusuka nyakenye engasadli futhi engasalali. Ubesho nokuthi ngisho uMdlokombane esaphila wayengakaze akhulume naye ngaleya ndlela iSilo esakhuluma ngayo, sishaya itafula sithi ‘bloody sh**.... Ngiyafuna ukuhlambuluka ukuthi uMntwana unje nje nje, yilento yaseNdlunkulu emhlukumeze kakhulu,” kusho uMntwana uPhumzile.
UButhelezi wake wakhuluma ngalesi sigameko ngesikhathi enomhlangano nabaNtwana kanye namakhosi, lapho azwakalisa khona ukungenami kwakhe ngendlela iSilo esakhuluma ngayo naye.
UMntwana uPhumzile unxuse ukuthi abaseNdlunkulu bamxolele uButhelezi uma kungukuthi kukhona lapho angahambisanga kahle khona.
Uhlangothi olweseka uMntwana uBuzabazi belungaboni ngaso linye noButhelezi uma kuziwa odabeni lombango wesihlalo.
UButhelezi ungomunye wabantu abamangalelwe abaseka uMntwana uBuzabazi ecaleni lapho bephonsela khona inselelo ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Leli cala lizongena eNkantolo eNkulu ePitoli ngenyanga ezayo.
Lolu hlangothi lwaqala ukubhekana ngeziqu zamehlo noButhelezi emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Izolo lolu hlangothi lubonakale lungena kwaPhindangene, lapho lufike lwakhalisa khona umndeni wakwaButhelezi.
UMntwana uBuzabazi ubeyingxenye yaleli thimba ehambisana nabanewabo esigodlweni kwaDlamahlahla, abaNtwana uNhlanganiso noPhumuzuzulu.
Bebehambisana nabafake icala lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uMbonisi noMathubesizwe, abangabanewabo bakaMdlokombane.
Kuphinde kwabonakala uNdlunkulu uGwabini weSilo sakwaKhethomthandayo kanye noNdlunkulu wakwaLinduzulu uMaNdlovu nowasOndini uLaMafu.
UNobhala Jikelele we-IFP uMnuz Siphosethu Ngcobo ekhuluma nesinye seziteshi zethelevishini izolo, uthe kubaduduzile ukufika kwabaseNdlunkulu ukuzobhonga emswaneni KwaPhindangene.
Uthe banethemba ukuthi kuzoba nokuthelelana kwamanzi nobumbano kusuka manje.
Mayelana namalungiselelo enkonzo yokuphelezela uShenge, uthe inkonzo yesikhumbuzo ikusasa enkundleni iPrince Mangosuthu Buthelezi Regional Sports Complex, oLundi.
“Okwamanje kusafakwe itende elimumatha abangu-10 000, sifuna ukunyusa isibalo sabangakwazi ukufika. Baningi abasuka kwamanye amazwe okubalwa nawase-Afrika abafuna ukuba yingxenye yale nkonzo kanjalo nokutshalwa kwalo mholi.”
NoMntwana uSimakade kaZwelithini udlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaShenge.
Namhlanje kulindeleke ukuthi ithimba le-DA lihambele kwaPhindangene ukuzodlulisa amazwi enduduzo emndenini.