BAWOTHA ubomvu abazali bezingane eziyisithupha ezifunda kwesinye sezikole esiseNdwedwe okuthiwa zidlwengulwe ngu‘malume’ ozihambisa esikoleni nsuku zonke.
Laba bafundi kuvela ukuthi bangabangani futhi bafunda ekilasini elilodwa likaGrade 9 kulesi sikole.
Isolezwe lithole ukuthi lo wesilisa othutha laba bafundi ngeveni, kwesinye isikhathi ubengabayisi esikoleni kodwa agugumbe nabo aye kubo okuyilapho okukholakala ukuthi ubefike abanukubeze ngokocansi. Kuthiwa ubebabuyisa uma sekuphume isikole.
Umzali wokuqala okhulume neSolezwe uzwakalise ukukhathazeka, elibeka ngembaba elokuthi uma amaphoyisa engambophi umsolwa, bazozifikela bona mathupha kuye.
Lo mzali, ongadalulwanga ukuvikela indodakazi yakhe, uthe uthole ukuthi u‘malume’ waqala ukuyidlwengula ngonyaka odlule ingane yakhe, eneminyaka engu-14 yobudala.
Ngelanga athole ngalo ukuthi indodakazi yakhe idlwengulwa yilo mshayeli, bekungoLwesine ntambama ngesonto eledlule.
"Umntwana akazange afike ekhaya ntambama. Ngabuza nakomakhelwane, bathi bake bambona ehamba no‘malume’.
“Ngakusasa ngahamba ngaya esikoleni. Ngabuza nothisha ukuthi uphi umntwana wami, bangitshela ukuthi akakaze afike esikoleni izinsuku ezimbili,'' echaza.
Uthe yilapho atshelwa ngezinye izingane ukuthi ingane yakhe isemzini kamalume.
Ngesikhathi enikela khona, uthe umntwana wathushuka egcekeni.
“Ngahamba ngaya naye ekhaya. Ngathi uma ngibuzisisa, wabhoboka washo ukuthi u‘malume’ ndini ubemvalele endlini yakhe emdlwengula. Waveza nokuthi akuyena yedwa kodwa nabanye agibela nabo iveni bagilwa umhlola ofanayo … uyabashintsha, athathe lo aphinde athathe lo,” kuchaza umzali.
Lo mzali uthe wathi esathuswe yilokho, wathola ucingo luvela komunye umzali naye ingane yakhe eyagonyuluka kuyena ngalokhu okwenziwa ngumalume kuzona.
Uthe bobabili nalo mzali bahamba baya kumshayeli weveni bayombuza ngalezi zinsolo, waphika walala ngomhlane.
Bathi ngakusasa lo mlisa wayengasabonwa nangokhalo. Kuyimanje akaziwa muntu, okusolakala ukuthi usebalekele amacala.
"Lapho esizomthola khona sizozibambela thina mathupha,'' kusonga lo mzali.
Omunye umzali uthe naye indodakazi yakhe yehlelwe yilo mshophi. Uthe zihlasimulisa umzimba izinto azixoxelwe yindodakazi yakhe, athe zenziwa yilo ‘malume’ emantombazaneni uma ewaqoqele endlini yakubo ewadlwengula.
"Umntwana wami ungitshele ukuthi ubebakhumulisa bonke. Aqale ngoyedwa abazungeze bonke aze abaqede bonke,’’ echaza.
Umzali wesine uthe unengeke kakhulu ngoba unina womsolwa ufikile ezomncenga ukuba asule icala.
"Angazi ukuthi usithathaphi isibindi esingaka sokuthi angincengele le nto ebole ngalolu hlobo,'' usho kanje.
Umsolwa kuvela ukuthi uneminyaka engu-29 yobudala. Isolezwe lihoshe ukuthi kunezinye izingane zamantombazane esezifunda uGrade 12 nazo ezivule amacala njengoba ziveza ukuthi waqala ukuzidlwengula zisafunda uGrade 8.
Abazali bazo zonke lezi zingane bathi abantwana babo abasadli selokhu kuzwakale lolu daba.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Nzuzo Chamane, uthe lolu daba selufinyelelile ezindlebeni zakhe.
Uthe banethemba lokuthi umthetho ngeke ubacekele phansi kulolu daba. Ukhale ngokuthi zincane kakhulu ngokweminyaka lezi ngane okuthiwa ziyizisulu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, usigxekile lesi senzo wathi uMnyango uzoba nezindlela zokungenelela kulolu daba kodwa wakhuthaza abazali bezingane ezithintekayo ukuthi bonke bawavule amacala.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uMnuz Mhlabunzima Memela, uthe izingane bazozilekelela ngosizo lokwalulekwa ngokomqondo.
*WAITING FOR POLICE COMMENT