UFUNA ubulungiswa umndeni womgilwa owashona engozini yomgwaqo, emva kokuthi iloli lombutho wamasosha akuleli, iSouth African National Defence Force (SANDF), lishayisane nemoto yakhe.
UMnuz Zwelakhe Ndlovu (34) waseYellowwood Park, eThekwini, washonela kuN3, ngaseMnambithi, ngoJanuwari 30.
Unina kamufi, uNkk Nana Ndlovu, uthe ngosuku lwesigameko, umufi ozisebenzayo wayephuma emhlanganweni eVan Reenen’s Pass, eseya ekhaya eThekwini.
Uthe bengumndeni bafuna ubulungiswa ngalesi sigameko ngoba bayathola ngamaphoyisa ukuthi othandiweyo wabo akukho okungafanele akwenza.
“Ngokophenyo lwamaphoyisa, kuthiwa iyo iloli yamasosha eyaholela ekutheni kwenzeke isigameko esidlule nomphefumulo wendodana yami. Okusiphatha kabi ukuthi isosha ebelishayela iloli lithe uma lithintwa ngamaphoyisa ukuthi liphendule langayingena, lathi limatasa lilibangise kwesinye isifundazwe,” kusho uNkk Ndlovu.
Uthe lokhu kubenza babe nomuzwa wokuthi umenzi wobubi akanendaba nomonakalo abadalele wona. Uphinde waveza ukuthi okunye okwenza baphatheke kabi wukuthi kwawona umbutho wamasosha awukaze ukhombise ubuntu ngesigameko.
“Sizwile ukuthi kukhona isitatimende abasithumelele abezindaba bethi bazwelana nathi. Okusixakayo ukuthi ayikho imizamo aseke bayenza ukuzama ukuxhumana nathi, abakaze basithinte. Thina sibona lokhu kukhombisa ukungabi nendaba ngomonakalo abasidalele wona,” kusho uNkk Ndlovu.
“Imoto kahulumeni ingalimaza ingane yethu bese kuphela nje kanjalo. Babengacela ngisho amaphoyisa abasize ukusicinga basithole,” kusho yena.
Uthe okunye okubaphatha kabi ukuthi njengoba umbutho ungakaze wenze imizamo yokuxhumana nabo bewumndeni kulandela isigameko, bathole ukuthi akusilo iqiniso ukuthi iloli lalithwele impahla eyayiphuthunyiswa eRichards Bay.
“Izithombe esizithunyelelwe zikhombisa ngokusobala ukuthi iloli lalingenalutho. Kungani amasosha ekhuluma into engekho?” kubuza uNkk Ndlovu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseVan Reenen, aphenya icala lokubulala ngokungenhloso emva kwengozi eyenzeke ngoJanuwari 30.
“Kwashayisana izimoto ezimbili kuN3 eVan Reenen Heights. Kushone owesilisa oneminyaka engu-34, kwalimala ababili ebebeselolini. Imbangela yengozi isaphenywa ngamaphoyisa,” kusho uConst Ngcobo.
Okhulumela iSANDF, uBrigadier General Andries Mokoena Mahapa, uthe ngaphandle kokuzwakala sengathi abanendaba nokuthi kukhona umndeni olahlekelwe, bayafisa ukuthi umndeni ukuqonde ukuthi uma kube khona ingozi, kubizwa amaphoyisa ukuthi kube yiwo asingatha uphenyo.
"Sidlulise amazwi enduduzo ngoba kuwubuntu ukwenza lokho kodwa asizange siligagule igama likamufi ngoba besiqonda ukuthi uphenyo lwamaphoyisa lusezingeni eliphansi, bekungeke kuzwakale ukuthi sigagule igama," kusho uMahapa.
Uthe okunye obekungeke kuzwakale kahle ophenyweni lwamaphoyisa, ukuthi kuzwakale umbutho usuweqe amaphoyisa, wayozifunela umndeni kamufi ukuze uxoxe nawo eceleni.
"Ukwenza lokho bekuzolimaza uphenyo olusaqhubeka. Siyakholelwa ekutheni kufanele silinde amaphoyisa aqede ngophenyo, singagxambukeli. Siyaqonda ukuthi umndeni ukhulunyiswa ubuhlungu kodwa sicela ukuthi siyeke amaphoyisa enze umsebenzi wawo okwamanje," kusho Mahapa.