UFUNA abaqeda u-matric bakwazi ukuzivulela amabhizinisi noma basheshe bathole umsebenzi uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, njengoba kuzofakwa izifundo ezintsha ezikoleni.
UNkk Motshekga uthe ufuna kubuyekezwe uhlelo lokufunda, iCaps kodwa lungashintshwa ngoba luyasebenza. Uthe inhloso yokufakwa kwezifundo ezintsha yingoba bafuna abafundi bathole umsebenzi uma bephothula u-matric, noma bakwazi ukuzivulela amabhizinisi.
“Sizofaka izifundo ezintsha ezithinta ukulawula amabhizinisi, ezithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu nezinye. Sifuna ukuthi balungele umsebenzi njengoba kuhlale kukhalwa ngokuthi uhlelo olukhona luyindavundavu,” kusho uNkk Motshekga.
Ukusho lokhu ekhuluma kwiNational General Council yeSadtu eGoli osongwa kusasa. Emhlanganweni kuzobuyekezwa ezinye zezinqumo ezathathwa yile nyunyana njengoba kwagcina ukuba nomhlagano ofuze lo ngo-2019, ngenxa yeCovid-19.
Ezinye zezifundo uhulumeni ahlose ukuthi zibe sezifundwa ngo-2025, kubalwa iBeauty and Nail Technology, Office Administration, Plumbing, Hairdressing, Digital Technology, Electrical Technology neHospitality Studies.
Uthe ukugadla kweCovid-19 kuleli kwenze benza ucwaningo ngezinto okumele bazishintshe ohlelweni lokufunda.
Ubalule ukuthi kwadingeka ukuthi kungafundwa yonke into ngoba isikhathi sasingekho, kufundwe okuthile kuyekwe ezinye izihloko.
UTebogo Magafane uNobhala jikelele weCosas, ukhale ngothisha abafika benuka phu utshwala ezikoleni. Uthe kumele labo thisha bavezwe obala, wanxusa iSadtu ukuthi iziqhelise ekwenzeni kwabo.
“Akukwazi ukuthi unguthisha ungafika esikoleni unuka utshwala.”
Ugxeke nothisha abalala nabafundi, wathi badicilela phansi igama lothisha.
“Uma unguthisha ufikelwa yidimoni lokufuna ukulala nomfundi, thengela umfazi wakho inyufomu. Yekani ukulala nabafundi ngoba ninabafazi.”
Uthe kumele i-ANC yesekwe. UMengameli weSadtu, uMnuz Magope Mapila, uveze ukuthi bancane abantu abavotele ukuthi iSACP ingenele ukhetho ngokuzimela engqungqutheleni yeCosatu ngeledlule.
Uthe bangu-788 abaseka isiphakamiso, amalungu angu-1 066 kawazange asivotele.
“Asikho isinqumo sokuthi kulaxazwe i-ANC ngo-2024. Bakhona asebephelelwa yisineke nge-ANC yingakho baze baxosha noSihlalo wayo uMnuz Gwede Mantashe, wangakwazi ukuthula inkulumo engqungqutheleni yeCosatu. Akumele sikhale uma amalungu e-ANC esenza okufanayo kithina njengabaholi bomfelandawonye ngoba yithina esiqale ngokuxosha umholi wayo.”