UFAKAZI esigcawini esiqondisa ubugwegwe uMengameli wezimantshi KwaZulu-Natal, uthe ubucayi bezinsolo zokugwazisa ngemali nangocansi kwababefuna izikhundla zokuba yizimantshi kwamphoqa ukuthi avule icala emaphoyiseni.
IMantshi uJohannes Meijer yethule ubufakazi esigcawini esiqondisa ubugwegwe uMnuz Eric Sibusiso Nzimande ngoMsombuluko.
Isigcawu esenganyelwe ngusihlalo okuyiJaji Jeremiah Shongwe, osathatha umhlalaphansi, siqhubeka eNkantolo edingida amacala athinta imindeni ePhoyinti, eThekwini.
“Akukho lapho mina engaphenya khona ngokwami kodwa ngasebenzisa imininingwane engahlinzekwa yona, ngavula icala emaphoyiseni. Umthetho uyangiphoqa ngenxa yesikhundla sami ukuthi ngibikele amaphoyisa ngoba ngangiyoba senkingeni uma ngithula nolwazi mayelana nezinsolo zenkohlakalo,” kusho uMeijer.
UNzimande, obekade ebukeka ezikhululekele futhi ebhala phansi obekushiwo wufakazi ngaye, ubekwe amacala awu-162 yiKhomishini yeziMantshi.
UMeijer usophikweni olubheke ukusebenza ngobuqotho kusukela ngonyaka u-2000, izinsolo abekade efakaza ngazo, uthe zazivela kuNkk Lindelwa Gumede owayesebenza noNzimande ngoJulayi 2015.
Kuthiwa wayesola uNzimande ukuthi ugwazisa ngemali nangezinto ezithinta ucansi kwababegaqele ukuba yizimantshi okwesikhashana.
UNkk Gumede kuthiwa wenza izinsolo zokuthi wayesegwazele uNzimande izikhawu. Kuvela nokuthi langa limbe wacelwa nguNzimande azohlala emathangeni akhe khona ezomphulula, baxoxe ngocansi.
UMeijer uthe nakuba uNkk Gumede awahoxisa ngo-2016 amacala, kodwa wagcizelela ukuthi kuyiqiniso ayekubhale encwadini efungelwe eyanikwa amaphoyisa.
UMeijer uthe umthetho unika igunya Nzimande ukuba enze izincomo kwiphini likangqongqoshe eMnyangweni wezobuLungiswa ngabalungele ukuba izimantshi okwesikhashana.
Ummeli kaNzimande, uMnuz Ravindra Maklilall, upheke Meijer ngemibuzo ethi buphi ubufakazi bokuthi uNzimande wagwazisa uNkk Gumede uR140 000?
UMeijer ubebuye athi okunye akanalo ulwazi lwakho. Lapho uNzimande ubewahlome kuMeijer amehlo akhe uma ephendula abuye abhale phansi.
Emacaleni uMeijer athi wawabikela amaphoyisa, kukhona nawokuba seCasino egembula ngesikhathi somsebenzi uNzimande.
UNzimande uthe uyakweshwama kushiwo ngaye futhi anyathelwa ngezinyawo amalungelo akhe kwenziwa uphenyo, wathi kuyinto abazoyiveza esigcawini.
UMaklilall ubuze sakubhuqa uMeijer ukuthi uyazi yini ukuthi u-50% wabantu okuthiwa bagwazela uNzimande, babhala izitatimende bekuchitha njengamampunge okushiwo ngabo?
UMeijer uthe akanalwazi ngoba kwakungeyena umphenyi.
Isigcawu siyaqhubeka.