IDUTSHULWE yafela endaweni yesigameko indoda okuthiwa ihlwithe isibhamu sephoyisa ngaphakathi esiteshini, yadubula ibhekise emaphoyiseni kwalimala amathathu.
Isigameko esithuse abaningi senzeke ngaphakathi esiteshini samaphoyisa esiseRichmond, ngoMgqibelo.
Umsolwa, Isolezwe elithole ngomthombo walo ukuthi ngowase-Harding, kuthiwa ufike kulesi siteshi ezenza umuntu ozovula icala. Ngesikhathi iphoyisa lesifazane lisazama ukumsiza, kuthiwa ugxavune isibhamu salo ebesilenga enqulwini, wadubula ebhekise emaphoyiseni abekhona kwalimala amathathu. Kuthiwa amaphoyisa angenelelile aphendula ngenhlamvu wadubuleka wafela endaweni yesigameko.
Umthombo weSolezwe osondelene namaphoyisa aseRichmond, uthe; “Kusolwa ukuthi ubeseke waya esiteshini esise-Harding, wayobika ukuthi kukhona abamlandelayo abafuna ukumbulala, wanxusa amaphoyisa ukuthi amsize ayomcashisa okungenani eXobho, okuyinto okwagcina kungavunyelwene ngayo.”
Uthe ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi umsolwa ubezama ukuzibulala ngalesi senzo sakhe kwazise ukugasela esiteshini samaphoyisa ahlwithe isibhamu salo udubule kungenasizathu, kuyizinkomba zokuzimbela igodi kalula.
UNksz Kamogelo Mgotsi okhulumela ihhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, uthe uMchunu ukushayele ihlombe ukungenelela ngokushesha kwamaphoyisa okuholele ekudutshulweni komsolwa.
Kwenzeka lokhu nje, kuthe ngalo isonto eledlule ithimba lamaphoyisa esifundeni Umzinyathi, adubula abulala umsolwa okuthiwa udubule wabhekisa ngakuwo ngesikhathi embhadama ephethe isibhamu esingekho emthethweni, erenke eMsinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Colonel Robert Netshiunda, uthe kulimale iphoyisa elilodwa kulesi sigameko.
“Amaphoyisa abeqeda kubopha umsolwa obefunwa uthuli ngamacala amathathu okubulala enzeke eQulu, eNquthu, obanjwe eMsinga. Ngesikhathi esendleleni ebuyayo, azithele phezu komsolwa obephethe isibhamu erenke okuthe uma esondela ngakuyo wasikhipha wadubula ebhekise ngakuwo, kwadubuleka iphoyisa elilodwa lalimala. Amaphoyisa aphendule ngendlela efanayo wafela endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uthe umsolwa oboshiwe utholwe nesibhamu esikhulu, kanti odutshulwe ngamaphoyisa, utholwe nesibhamu esincane sohlobo lwe-38 special revolver.