ISAZI sezifo zengqondo sithi abantu abayizibe le nto ethi mabasebenzise yonke imali yabo ngamaholidi kaDisemba.
UDkt Zipho Mhlongo ongudokotela wezengqondo esibhedlela i-Akeso eNelspruit, uthe abantu baqala ukuchitha imali yabo abayisebenza kanzima ngezinsuku zeBlack Friday.
“Asikho isidingo sokukhithiza izinto obungazihlelelanga ngamaholidi kaKhisimusi. Kufanele uwuzibe lowo muzwa. Siyazi ukuthi isikhathi sikaKhisimusi yisikhathi sokuphumula kodwa abangenamali bagcina benengcindezi,” kusho uMhlongo.
Ukhumbuze abantu ukuthi uDisemba yisikhathi esimnandi kodwa abantu kufanele benze isiqiniseko sokuthi bawuhlelela kahle ukuze bangabi nengcindezi yokukhithiza izinto abangazidingi.
Kwabakhithizayo uthe baqinisekise ukuthi bayawuhlelela noJanuwari ngoba phela ngoDisemba izinkampani eziningi ziholela abantu phakathi nenyanga.
Uveze ukuthi njalo uma kuqala unyaka abantu baba nezinhlelo ezithile namaphupho abafisa ukuwafeza ngakho akumele bagudluke kuwona.
Wenze isibonelo sokuthi uma ungenalo ifriji kufanele ubeke imali ukuze ulithenge, ungathi ngoba usuzwa ukuthi inyama isendalini bese uthi uzolanda ifriji nenyama kanye kanye ekubeni ubungakuhlelelanga lokho.
Uthe abantu kufanele bazifundise ukubhala izidingo zabo bese bechitha imali yabo kuzo.
Wathi asikho isidingo sokuchitha imali koshokoledi, amaselula abizayo nokunye abantu abakwaziyo ukuphila ngaphandle kwako.
Kulo Disemba uthe abanezingane kufanele bangazithengeli izimpahla zikaKhisimusi ezibizayo bengakayikhokhi imali yesikole nekamalume uma ingane ihanjiswa ngemoto esikoleni.
Ubalule ukuthi izikole eziningi ziyasho ukuthi imali yokufunda izoba yimalini ngonyaka ozayo bese zikhipha nohlu lwezincwadi nezidingo zesikole okufanele zithengwe ngabazali.
Uthe abazali kungakuhle baqale benze lokhu ngaphambi kokuthi bathenge izimpahla ezinamalebuli abizayo.
Ugqugquzele nokuthi kuthengwe amathoyizi ahambisana neminyaka yezingane kuzanywe ukuthi kube ngamathoyizi afundisayo.
Abathanda ukuzikhipha kuthiwa kufanele bazihlelele kahle, babhukhe uma kungematasa babekise indawo ngoba ngoDisemba izindawo zokuvakasha zisuke sezibiza.
Ucebise abantu ukuthi bangachitha isikhathi nemindeni yabo, benze ama-picnic baye emapaki, olwandle nakwezinye izindawo okungachithwa imali eningi uma kuyiwa kuzo.
Abangayibekanga imali uma kuqala unyaka, uMhlongo uthe bangalokothi bazame ukuyandisa emaqoleni athe izophindwaphindwa kabili ngoba nezigebengu ziphumile ukuqola abanganakile.
Ucele ukuthi kufundiswe nabadala ukuthi baqaphele uma besebenzisa amaselula ne-internet, bangangeni kuma-link abangawazi futhi bangakhiphi imininingwane yabo eyimfihlo.
Ucele abantu ukuthi basebenzise imali yabo kahle, bangazifaki ezikweletini ezingenasidingo ngoba bezama “ukuchaza” umndeni nabangani. Ubaxwayise ngokuthi bazosala bodwa ezikweletini abangani bengasekho.
Abazithola benengcindezi nokhwantalala, uMhlongo ucele ukuthi bathinte izinhlaka eziluleka ngokwengqondo.