UDINGA uxhaso umdlali wegalofu (7) waseSavannah Park, eThekwini, okleliswe waba wunombolo 10 kwiSA Kids U/7.
ULuyanda Gumede waba nothando lwegalofu emuva kokubuka uyise olidlalela ukuchitha isizungu.
Uthe ngesikhathi ehamba noyise wayebuka indlela okudlalwa ngayo bese elingisa abadlali begalofu.
“Ngiyakuthanda ukudlala igalofu ngoba awulinyazwa futhi akekho okudushayo njengasebholeni. Bengihamba nobaba uma eyodlala, kwathi ngelinye ilanga wangithengela eyami induku yokudlala, ngaqala lapho. Kumnandi ukudlala igalofu futhi ngifisa ukuba wumdlali odumile njengoTiger Woods,” kusho uLuyanda.
Uyise, uMnuz Siphiwe Gumede, uthe ubehamba nendodana yakhe uma eyodlala igalofu ngoba bekungekho lapho abengayishiya khona.
“Ngashonelwa wunkosikazi nokwenze ukuthi umfana wami, okunguye umagcino, angabi nendawo lapho ezosala khona uma ngiyodlala igalofu. Bengihamba naye ngase ngibona ukuthi uyakwazi ukudlala. Njengamanje uncintisana nezinye izingane kodwa sinenkinga yokuthi kunemidlalo angakwazi ukuya kuyona ngenxa yokushodelwa amasenti,” kuchaza uGumede.
Uthe badinga uxhaso lwezimpahla zegalofu, olwemali ekhokhwa lapho kusuke kudlalwa khona igalofu ebizwa ngama-green fees, kube eyezokuthutha neyendawo yokuhlala.
UGumede ungumshayeli wamabhasi kaMasipala weTheku.
Uyafisa nokuthi indodana yakhe iye esikoleni esinegalofu ngoba njengamanje izifundela esikoleni esijwayelekile, iSimla Primary eShallcross.
“Egalofini izinga lakho linyuka ngemidlalo oyidlalayo. Njengoba ekleliswe kunombolo 10 ngabe sikude manje kodwa kunemidlalo esingakwazi ukuya kuyona uma singenawo uphethroli nemali yokukhokhela abaphatha izikhwama neyokungena lapho kudlalwa khona. Njengamanje uLuyanda uqeqeshwa mahhala wuMnuz Janco Kruger axhunyaniswa naye wuPete Craig. Singakujabulela uma uhulumeni nosomabhizinisi nomphakathi wonkana ungasixhasa,” kusho uGumede.
Uthe ngo-Agasti uLuyanda uzodlala kwiSan Lameer Junior Challenge ezoba seSan Lameer Gold Club ngo-Agasti 18 kuya ku-Agasti 23.
ULuyanda uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana kuTiktok uwu-@luyandagumedegolf.