INKANTOLO yesiFunda yaseMadadeni ngeledlule imgixabeze ngodilikajele umalume (53) olahlwe yicala lokudlwengula aze akhulelise umshana wakhe (11).
Lona owesilisa kuthiwa icala walenza phakathi kuka-2019 no-2020.
Ngesikhathi imgixabeza ngodilikajele inkantolo umdlwenguli, ibuye yanquma nokuthi akafanelwe ukuba nesibhamu.
Iphinde yathi igama lakhe alifakwe ohlwini lukazwelonke lwalabo abahlukumeza ngokocansi.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe basamukela ngezandla zombili lesi sigwebo njengoba sakha isithombe esicacile ngokuthi bami kuphi uma kuza odabeni lokuhlukunyezwa kwezingane.
“Siwushayela izandla umsebenzi wethimba labashushisi kanjalo namaphoyisa,” kusho uRamkisson-Kara.
Uthe ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, umshushisi woMbuso kule nkantolo uMnuz Simphiwe Hlela uveze umbiko wezempilo nowokucwaningwa kobufakazi, bufakazela ukuthi umdlwenguli walenza icala.
“Kwenziwa ulibofuzo emva kokuthi umgilwa etetile, umphumela walo wakhomba ukuthi umalume kamgilwa nguye ngempela uyise wengane ayeyikhulelwe,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uqhube wathi uHlela enkantolo wabuye wafunda ubufakazi bukamgilwa lapho atshela khona inkantolo ukuthi wayemthemba kakhulu umalume wakhe kodwa yena wamenzela phansi.
“Ebufakazini bakhe ubuye washo nokuthi yena useyingane kodwa manje usehlalelwe yijoka lokuthi anakekele ingane encane,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Elandisa ngokwenzeka kwecala uNkk Ramkisson-Kara uthe umgilwa wayehlala nalona wesilisa oselahlwe yicala, umalumekazi wakhe, abanye omalume bomndeni nabazala bakhe. Uthe lokhu kwenzeka emva kokuba umgilwa elahlwe abazali bakhe.
“Umalumekazi wakhe wayevame ukuthi ngezikhathi ezithile ahambe aye eGauteng, ashiye umgilwa ekhaya namanye amalungu omndeni. Umdlwenguli wayesebenzisa leso sikhathi ukudlwengula umgilwa,” kusho yena.
Uqhube wathi kwaba umakhelwane owaqaphela ukuthi umgilwa ukhulelwe, watshela umalumekazi wakhe.
“Umgilwa wabuzwa ngalokhu nokuyilapho achaza khona ukuthi umalume wakhe uyamdlwengula,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uveze ukuthi umgilwa wayiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre lapho udokotela afike wakuqinisekisa ukuthi usenesikhathi eside ezithwele.
Uthe wanikezwa usizo lokwelulekwa ngokomqondo, amaphoyisa abopha umenzi wobubi.