IMGIXABEZE ngodilikajele iNkantolo yesiFunda yaseMadadeni owesilisa olahlwe elokudlwengula isaguga (73) oSizweni ngoNovemba 2017.
Owesilisa, uSizwe Gift Zwane (30) uphinde wanikwa iminyaka emibili ngaphezulu ngokulahlwa yicala lokugqekeza ngenhloso yokwenza icala.
Elandisa ngokwenzeka ngosuku lwesigameko, okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe umgilwa wayesendlini yakhe ngesikhathi uZwane egqekeza.
“Umgilwa wambuza uZwane ukuthi ufunani, kodwa kunokuthi amphendule wavele wambhozomela, wamdlwengula,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uqhube wathi umgilwa waphunyuka, wabaleka, wayobiza indodakazi yakhe.
“Umgilwa nendodakazi yakhe, bambona uZwane esebaleka,” kuchaza uNkk Ramkissson-Kara.
Uveze ukuthi umgilwa wabe eseyiswa esiteshini samaphoyisa lapho afika khona wavula icala.
Eqhuba uthe umgilwa wabe esedluliselwa esikhungweni iThuthuzela yakhona eMadadeni ukuze ayohlolwa kuqinisekiswe ukuthi udlwenguliwe yini aphinde anikwe nosizo lokwelulekwa ngokomqondo.
Uthe ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo, uMshushisi woMbuso uCindy Alberts uhole ubufakazi bakhe umgilwa, obendodakazi yakhe kanjalo nombiko owabhalwa odokotela emva kokuxilonga umgilwa.
“UZwane, ngomlomo wommeli wakhe wazama ukubuphikisa ubufakazi bukamgilwa, ethi amehlo kungenzeka ukuthi awabonanga kahle ngoba usegugile. Yize kunjalo umgilwa wakwazi ukwenaba ngesibazi esasibukeka njengesibazi sokusha ngemumva kwendlebe kaZwane,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe umgilwa wacacisa enkantolo ukuthi isibazi wasibona kahle ngesikhathi uZwane emdlwengula.
“Inkantolo iyalele ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabahlukumeza ngokocansi, yaphinde yanquma ukuthi akumfanele ukuba nesibhamu,” usho kanje.
Uphethe ngelithi beyiNPA, bayasamukela isigwebo, wathi kuwumsebenzi wabo ukushushisa, bamele bonke abangabagilwa bobugebengu.