KUTHOLOZA isomi ejele kuZamani Zulu (39), ogwetshwe udilikajele ngecala lokubulala umkhwekazi wakhe efuna ukubuyiselwa izinkomo zamabheka ngoba aliwe yingoduso. UZulu ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda saseShowe emuva kokulahlwa amacala.
Isigameko esiholele ekugwetshweni kukaZulu senzeka ngoDisemba 2021, esigodini KwaKhoza, eShowe, esashiya abomndeni bethuthumela.
Okhulumela uphiko lwezokushushusa (NPA) KwaZulu- Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uZulu ulahlwe yicala lokubulala, wukuthumba, wukushaya ngenhloso yokulimaza ingoduso nelokuphatha isibhamu ngokungemthetho.
Kuvele ukuthi uZulu waqonywa yintombi wayilobola, baba nengane, wase ehlala ngokuyihlukumeza eyishaya yaze yamala. Ingoduso leyo yase ithola elinye isoka nokuthe uZulu uma ekuzwa lokho sasuka isidumo. Kuthiwa uZulu wayithatha ingoduso wayoyivalela endlini thizeni engasahlali muntu eyishaya, ethi ababuyelane kodwa yamchitha.
NgoDisemba 12, isoka elisha lathumela abakhongi beyokhulekela isihlobo esihle kubo kwengoduso kaZulu. Konke kwahamba kahle bemukeleka abakhongi emuva kwalokho, ingoduso yaba nohambo yaya eThekwini.
Ithe isanda kuhamba ingoduso wafika uZulu ezoyifuna, watshelwa ukuthi ihambile nokwamthukuthelisa kakhulu waqala waba nodlame. Wasuka wahamba wasonga ngokuthi uyabuya. Wabuya ebusuku engasadle nkobe zamuntu, ememeza esangweni ethi abamvulele bathi uma benqaba wajomba isango wangena.
Wangena wasabisa abalamu bakhe, wafuna ngodli umkhwekazi wakhe. Uthe uma emthola wamtshela ukuthi ufuna izinkomo zakhe zamabheka kodwa umkhwekazi wathi akalande abakhongi ayebathumile kuqala.
Emuva kwalokho, uZulu wathukuthela kakhulu wahlasela umkhwekazi wakhe ngesibhamu nokwathi uma ezama ukubaleka wamdubula ngemuva phambi kwabalamu bakhe. Kuthe uma uZulu eqeda ukudubula umkhwekazi wakhe washaya wachitha.
Amaphoyisa athola ukuthi uZulu ubonakale kubo nokwathi uma efika amthola kade edla ushevu, ezama ukuzibulala. Ambopha amyisa esibhedlela. Watholwa nesibhamu eduze kwakhe ngesikhathi eboshwa nokuvela ukuthi yisona ayegila ngaso umkhuba.
Esibhedlela bamelapha wavuka qingqo, wabhekana namacala akhe wagqigqa inkantolo aze amlahla. Ugwetshwe udilikajele kwelokubulala umkhwekazi, iminyaka eyishumi kwelesibhamu, wagwetshwa iminyaka emihlanu kwelokuthumba neminyaka emithathu kwelokushaya. Kusho ukuthi wudilikajele neminyaka ewu-18 isigwebo sakhe sesisonke.
UNkk Kara weNPA uthe bayasemukela isigwebo futhi banethemba lokuthi sizobathusa nabanye abangase bacabange ukugila imikhuba efanayo