ISISHAYELE elikhulu ihlombe iNational Prosecuting Authority (NPA) isigwebo esinikwe owesilisa (46) ophila negciwane lengculazi olahlwe yicala lokudlwengula ephindelela umgilwa (5) oyisihlobo sowesifazane abethandana naye.
Ugwetshwe udilikajele neminyaka eyisihlanu ngaphezulu ngecala lokudlwengula nelokuzama ukubulala umgilwa ezazi ukuthi unesifo sesandulela gculaza.,
Lo wesilisa igama lakhe ngeke lidalulwe ukuvikela umgilwa, ubevele eNkantolo yesiFunda eVerulam, ngoLwesihlanu.
Okhulumela iNPA, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe banethemba lokuthi isigwebo esinikwe umsolwa sizoba yisifundo kuye nabanye abasacabanga ukwenza okubi.
“I-NPA iyasamukela lesi sigwebo futhi iyawuthakasela umsebenzi owenziwe yithimba lezobulungiswa ngokubambisana namaphoyisa,” kusho uRamkisson-Kara.
Elandisa ngesehlakalo, uthe senzeka ngesikhathi umgilwa eneminyaka eyisihlanu ngaleso sikhathi ehlala nogogo wakhe owayethandana nalo wesilisa ngaleso sikhathi.
“Lona wesilisa owayezazi kahle ukuthi unesifo sesandulela gculaza wadlwengula umgilwa ephindelela izikhathi ezehlukene. Lokhu kwakwenzeka uma ugogo wakhe elele noma engekho endlini maqede amusabise ngokuthi uma eke washo umgilwa, uzombulala,” kusho yena.
Uthe ngosuku lona wesilisa owabanjwa ngalo ukuthi udlwengula umgilwa, ugogo wakhe wayekade emlalisile maqede waphumela phandle.
Kuthiwa lona wesilisa wasala wamdlwengula.
“Kulokhu ugogo kamgilwa wangena endlini wamfica wesilisa edlwengula umgilwa. Waqaphela ukuthi wayengalifakile ijazi lomkhwenyana,” usho kanje.
Uthe wathi uma emqonda ngqo embuza ukuthi ukwenzelani lokhu akwenzayo, wabakhiyela wahamba neselula kagogo.
“Ingaleso sikhathi umgilwa wamtshela khona ugogo ukuthi sekukaningi lona wesilisa emdlwengula.”
Uthe lona wesilisa wabuye wabuya ngakusasa elethe izikhiye zendlu neselula sikagogo ngaphambi kokuthi aye emsebenzini, nokuyilapho ugogo wasukuma khona wabikela amaphoyisa, kwaba ukuboshwa kwakhe.