UCHITHIWE umbiko wethimba elajutshwa yiPhalamende ukuphenya ngokutholakala kwemali engamaDola epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, njengoba amalungu amaningi ePhalamende evote ukuthi kungaqhubeki ukuphenywa yile ndlu obekuzogcina ngokuthi kusungulwe ithimba ebelizobheka ukuthi busathenjwa yini nobuholi bakhe.
Amalungu angu-214 awuchithile lo mbiko kwathi angu-148 abewuseka kanti mabili amalungu angavotanga.
Kuqhume ihlombe emaqenjini aphikisayo amalungu amane e-ANC, okubalwa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, evota ukweseka lo mbiko.
UDkt Dlamini Zuma onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ukwenze lokhu nakuba amalungu e-ANC ebeyalelwe ukuthi avote ngokulandela umyalelo wenhlangano wokuchitha lo mbiko.
Usukume wathi, “Njengelungu le-ANC elihloniphayo, ngiyavuma.”
UDkt Dlamini ugaqele ukuhola le nhlangano engqungqutheleni eqala ngoLwesihlanu, eNasrec, eGoli.
Abanye abaholi be-ANC abeseka lesi siphakamiso kubalwa noMnuz Supra Mahumapelo, uMnuz Mosebenzi Zwane noMervyn Alexander Dirks. UNksz Thandi Mahambehlala ushaye ingwiji esethi ubengaqodile ukweseka kodwa ubethi akahambisani nalo mbiko.
UDkt Zweli Mkhize noNksz Lindiwe Sisulu bebengekho, okungabanye abagaqele esokuhola i-ANC.
Kule ngqungquthela, uRamaphosa uzobhekana noMkhize kwesokuhola le nhlangano.
Kuvotwe ngendlela evulelekile phezu kokuba amaqembu aphikisayo ehluleke ancama ukunxenxa uSomlomo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo ngoba kukhona abasathiswayo.
Kuvele nokuthi amalungu e-ANC asatshiswe nguSihlalo wale nhlangano, uMnuz Gwede Mantashe, ukuthi azoqondiswa ubugwegwe uma eseka lo mbiko ngoba le nhlangano yathi izovota ukuwuchitha.
Kuvele nokuthi kunomholi we-PAC, uMnuz Mzwanele Nyhontso, oze wayovula icala ngemuva kokusatshiswa ngalolu daba.
UNkk Mapisa-Nqakula ugcine ekuvezile ukuthi likhona icala athole ukuthi livuliwe njengoba kukhona osatshisiwe.
Abaholi okubalwa nowe-EFF, uMnuz Julius Malema, uhluleke wancama ukunxenxa usomlomo ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo.
Uthe ngisho noNkk Mapisa-Nqakula, bathole ukuthi uke wasatshiswa ngokuthi uzosuswa uma evumela ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo.
Ephendula uNkk Mapisa-Nqakula, uthe akasabiswa kalula yena ngakho akalona ivaka.
Umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, oye nasenkantolo efuna kuvotwe ngokuyimfihlo, naye uhlulekile ukunxenxa uNkk Mapisa-Nqakula ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo.
“Somlomo kuzoba negazi ezandleni zakho uma ungavumi ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo,” kusho uMalema noZungula kodwa uNkk Mapisa-Nqakula wakuchitha lokhu.
IPhini likaMengameli le-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithe abaneme ngokunqatshelwa ukuthi bavote ngokuyimfihlo, wathi lokhu kucindezela ilungelo lamalungu ngokuvota ngendlela ayithandayo nesemthethweni-sisekelo.
“Sizoya enkantolo ngoba ucindezela amalungelo amalungu ePhalamende. Ngeke leli cala uliwine.”
Amaqembu okubalwa i-DA, IFP, ACDP, UDM, EFF, FF+, ATM, ACDP, AIC, PAC, abeseka ukusungulwa kwaleli komiti.
Abaholi abehlukene bakhwele badilika kuRamaphosa, bethi kumele aphendule ngokutholakala kwemali futhi kumele abekwe amacala njengokusho kwalo mbiko.
UMantashe uthe bazobikela i-ANC ngamalungu avote ukweseka lo mbiko ekubeni bekumele avote ewuchitha.