KUGQAME uthando nokuhlonipha umsebenzi ngokwedlulele izolo ngenkathi kunenkonzo yomngcwabo kaMnuz Bongani Mavuso, ebise-Ethekwini Community Church (ECC).
UMavuso ubeyintatheli yakwaSABC, ebisineminyaka engu-18 isebenzela uKhozi FM, kanti ufihlwe emathuneni asePhoenix. Iningi limchaze njengomuntu obezinikele futhi esiza ekuthuthukiseni abasakazi abancane nabeziteshi zomphakathi.
UMnuz Dumisani Ndimande, obengumphathi wakhe kuKhozi FM, uthe bekuthi uma uMavuso ethunywe ukuyokwenza umsebenzi afike avundulule ikhono kuleyo ndawo.
“Wake wakhipha incwadi yezinkondlo ngendawo ayethunyelwe kuyona eyosebenza. Ubengumuntu obehamba phambili ngaso sonke isikhathi ngokuhlela umsebenzi ungakenziwa ngoba ubezimisela ngokuthi yonke into ihambe kahle.
“Kumanje bese sihlele nendlela esizosakaza ngayo umcimbi wokugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoOkthoba 29, kanti ngebhadi ngeke lusamfica lolu suku. Indlela isimo sempilo yakhe ebesingesihle ngayo bekumele engabe umuntu okhishwa emsebenzini ngenxa yokugula kodwa bekulukhuni ukukwenza lokho ngoba besizolahlekelwa. Ubengumthombo wolwazi nolimi sonke ebesincike kuwona,” kusho uNdimande.
UMntwana uThulani Zulu, okhulumela iSilo nendlunkulu, uthe bonke abantu abanemisakazo emakhaya balahlekelwe ngokuhamba kukaMavuso.
“Wonke umuntu obemlalela emsakazweni ubengumngani wawo wonke umuntu. Akulahlekelwe umndeni wakhe kuphela kodwa sonke silahlekelwe. Ubephinde abe nekhono lokusebenzisa ulimi lwesiZulu ngendlela efanele, okuyinto ebesiyithokozela ngoba lokho bekusho ukuthi ulimi lwethu luvikelekile,” kusho uMntwana uThulani.
Nasemabhizinisini kugqame ukuthi ubezimisele kakhulu kuwona kodwa nomsebenzi wakhe wakwaSABC ewenzisa engadidiswa ukuthi unamabhizinisi akhe. Enkonzweni kugqame nokuthi uMavuso ubengumuntu onamahlaya.
Umfowabo uMnuz Majuba Mavuso, udalule nokuthi nabesifazane bebezithandela uMavuso.
“Ubeke angifonele maqede athi angibambe ucingo ngikhulume nondlunkulu wakithi, esho umuntu wesifazane asuke ethandana naye ngaleso sikhathi. Ubethi uma esengifonela ngelinye ilanga angikhulumise nomunye. Bengithi uma sengiqedile ukukhuluma naye abuye angifonele athi ngenze kahle ngangambiza ngegama lo ndlunkulu ebengikhuluma naye ngoba akuseyena lo abeke wangikhulumisa naye sekungomunye,” kusho uMavuso.
UMavuso ubedume ngokubiza abantu ngeqhawe, kanti uphelezelwe ozakwabo bakwaSABC ophikweni lwezindaba nabasakazi, imeya yeTheku, uCllr Mxolisi Kaunda, uDkt Themba Fakazi, ilungu lephalamende uMnuz Cyril Xaba nabanye.
Uzakhele udumo ngezingxoxo nabaholi abaqavile okubalwa uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma owaze waya naye eWashington DC, waba nezingxoxo noMntwana wakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi.
Uzakhele udumo ngokungabi namona nangomsakazo. Uphinde wazakhela udumo ngokuvundulula ikhono entsheni eningi enye ayilekelele nasezifundweni.