UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uyazihlangula ekutheni nguyena owahlohla abemboni yamatekisi eWestern Cape ukuthi bangenele isiteleka esigcine sikhipha imiphefumulo.
UCele ukusho lokhu ngesikhathi ehambele kulesiya sifundazwe ngoLwesibili.
Utshele abezindaba ukuthi isikhundla akusona samphoqa ukuthi ahlangane nobuholi be-Santaco ngoba efuna ukudala uxolo nokuthula.
Uthe wayebona ukuthi kukhona umsindo ofufusayo owawuzoba nomthelela ongemuhle ezakhamizini.
“Akukho lapho engahlangana khona nosomatekisi ngabatshela ukuthi abateleke njengoba kusho ubuholi bukaMasipala waseCape Town. Akekho noyedwa ungqongqoshe owahlohla ukuthi kube nesiteleka ngakho iyimbudane into abangisola ngayo,” kuchaza uCele.
Uthe kutshalwe amaphoyisa amaningi asiqaphe ngeso lokhozi isimo kulesiya sifundazwe.
Abemboni yamatekisi kulesi sifundazwe bebe kade bebike ukuthi bangase basiqede ngoLwesine lesi siteleka inqobo nje uma ubuholi bukaMasipala waseCape Town buxoxisana nabo.
Umkhandlu wamabandla unxenxa i-Santaco nohulumeni ukuthi bangene ezingxoxweni ezizoqeda isiteleka.
ISouth African Council of Churches (SACC) ithi umdonsiswano ophakathi kwe-Santaco noMasipala waseCape Town usungenwe nayizinswelaboya ezitapayo futhi ziqhube izenzo zobugebengu.
Unobhala we-SACC, uMbhishobhi Malusi Mpumlwana, unxenxe zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi zihlale phansi zixoxisane, ziqhamuke nezisombululo ezizotakula abampofu kulolu dungunyane.
“Sifuna kuphele udlame, ukutapa, ukucekelwa phansi kwempahla nokubulawa kwabantu okwenzeka egameni lombhikisho. Asikho isidingo sokuthi kulahleke eminye imiphefumulo egameni lesiteleka samatekisi,” kusho uMpumlwana.
Osomatekisi bakhala ngamaphoyisa omkhandlu, ukuthi ashaqa amatekisi abo. Ngakolunye uhlangothi uMkhandlu uthi ngeke uwayeke amatekisi angenazo izimvume zokusebenza futhi ezingekho esimeni esiyiso sokuba semgwaqweni.