BAZOKHALELWA ngamasongo kaSigonyela abantu abasolwa ngokuqotha abanye embonini yamatekisi ezifundeni oGwini naseHarry Gwala lapho sekubulawe abantu abangu-24 nonyaka.
Lokhu kuvele emhlanganweni kaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele nososeshini bamatekisi abangu-18 eGamalakhe, ePort Shepstone izolo.
UCele uthe kuzobunjwa ithimba elizophenyisisa ngezehlakalo zobugebengu embonini yamatekisi futhi umthetho uzobabopha okumele baboshwe.
Uma kukhona oshonile kumele kuboshwe umuntu. Sizophoqana ukuthi sisebenzisane uma kukhona abangazimisele ukusebenza naleli thimba,” kusho uCele.
Uthe uhlelo lwabo abazolwethula emuva kwamasonto amabili luzocacisa nokuthi wobani okumele baboshwe, kuhlanganisa nabadla imizila.
Weluleke osomatekisi ukuthi abaqondise izindlela zabo ngoba kungenjalo bazoqondiswa ngenkani.
Ukhale ngokuthi igcwele imali imboni yamatekisi futhi igcwele izintandane nabafelokazi.
“Le mali esembonini ingasetshenziselwa ukuthi nithenge amagaraji, amabhasi ngisho nebhanoyi lenu futhi niphile kamnandi nemindeni yenu. Kodwa nimosha imali, niqashelana izinkabi, onogada futhi niyangcwaba ngale mali,” kusho uCele.
Uthe ekuhambeni kwesikhathi umuntu kuzomele achaze ngomnotho anawo nokuthi uyithathephi imali yokuthenga itekisi ngoba enye yayo iphuma ekubanjweni kwezimoto ezithwala imali.
Uthe imboni yamatekisi igcwele igazi. Ubuze nokuthi iyiswaphi imali eqoqwa wososeshini? Uthe ithimba abazolakha lihlanganisa abamatekisi, ezomthetho, uhulumeni nabaqoqi bentela, iSars.
Usihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, ubonge uCele ngokubalalela wasondela kubona uma bemcela ukuthi azobalekelela ukunqanda isihlava sokubulawa kwabantu embonini yamatekisi.
UCele ubephelezelwa nguMnuz Jomo Sibiya oyibamba likaNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi eKZN noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhwanazi uthe uma kungaxoxwa kunqandwe lezi zehlakalo manje, kuyophela unyaka sekushone inqwaba yabantu.