UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele ukhale ngokulahleka konembeza ezigebengwini ezishiya kuvalwe ngehlahla esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu enkonzweni yomngcwabo wamalungu omndeni angu-10 akwaMemela eMbali, eMungundlovu abengcwatshwa izolo.
"Izwe libi. Abefundisi kuzomele kube khona abakwenzayo ukuze kukhulunywe nabantu besilisa. Lonakele izwe libulawa amadoda. Umonakalo esihlezi sibizwa kuwo usuke udalwe amadoda. Ngiyacabanga ukuthi babexolisa abesifazane ababehlaselwa amadoda amabili athinteka esigamekweni. Nginaso futhi isiqiniseko sokuthi babekhala kodwa abasolwa baqhubeka nokwenza umsebenzi ababethunywe wona ," kukhala uCele.
Eqhuba, uncome ilungu lomphakathi elimpimpe abasolwa abathinteka kulesi sigameko.
Kuzokhumbuleka ukuthi abasolwa babhadanywa begezwa yinyanga emzini ongekude nowakwaMemela ngoLwesihlanu olwedlule.
Omunye wabo okuthiwa ubengungqondongqondo esigamekweni washona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa abafica begeza isinyama enyangeni.
Ababulawa ngoNkk Nobuhlalu Memela (64), indodana, uPhumlani Memela, indodakazi uBrenda Memela obulawe nezingane zakhe ezintathu okungu-Angie, Sphelele noNomfundo. Abanye yintombi ebizithwele uNana (esingatholakalanga isibongo sakhe) noNompilo naye obeqome umfana wakwaMemela bese kuba uNkk Fikile Hlabisa obephila nokukhubazeka, engudadewabo wenhloko yekhaya esocongwe nyakenye.
UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni, ukhuthaze ukubambisana kwamalungu omphakathi ekulweni nobugebengu.