BABHEME bakholwa abathandi bobumnandi eMashamplanez, eChesterville, emcimbini wokugubha iminyaka ewu-20, kwasungulwa Isolezwe.
Lo mcimbi ububophele oDJ abajabulise izinkumbi zabantu ebezihambele le ndawo, abantu bewina nezipho ezihlukene.
Umcimbi uqale ekuseni ngomnikelo wegilosa enikelelwe izaguga eziwu-20.
Kuthe emini kwaqala isigaba sobumnandi esithakaselwe kakhulu ngabantu abasha njengoba kufike oDJ abahlukene, bashiyelana inkundla.
Phakathi koDJ abadlalile, kubalwa uC-Ndaro, Costa Dollar, Mlisa, Reggie, First Installment nabanye.
USjerere uxolisile ngokungaphumeleli kulo mcimbi wathembisa ukuthi nakanjani kolandelayo, uzobe ekhona.
Isolezwe belingahambi lodwa kulo mcimbi njengoba belihamba nelisebenzisana nabo okubalwa iMalibongwe Foundation ne-Abakali Group abalule isandla banikela ngegilosa emndenini ewu-20 eyakhele eMashamplanes.
Umphathi wohlelo, uPhumlani Dube, ofike nabakwaBidvest McCarthy Volkswagen Durban, abanikele ngokuthi abanikazi bezimoto abawu-50, akade beseMashamplanes, bawashelwe izimoto mahhala.
Lo mcimbi awubanga nazigameko zobudlova njengoba iGoshawk Protection Services iqinisekise ukuthi wonke umuntu uphephile ngonogada bayo akade bebhekelele indawo yezicukuthwane.
IPhakade Holdings nayo iqinisekise ukuthi izicukuthwane zihamba zidlile kanti uMnuz Bonga Shange weMashamplanes, uqinisekise ukuthi bonke abantu banethezekile kulo mcimbi.
Umhleli weSolezwe, uNksz Kiki Ntuli, ubonge bonke abasebenzisane neSolezwe ukwenza lo mcimbi ube yimpumelelo.
Uthe bazohambela nezinye izindawo njengoba befuna ukujabula nabafundi beSolezwe abalokhu belisekile leli phephandaba.