UYATHUTHUMELA unina womfana wakwaD eMlaza, okuthiwa ubhokodwe ngommese ngumngani wakhe, ecikwa wukuthi usethole umsebenzi eMgungundlovu kodwa yena ebe engasebenzi.
UNkk Thandi Mgobhozi ongunina kamufi, uMnuz Samkele Mgobhozi (29) zivele zizehlele izinyembezi kuyena echaza kabanzi ngokwenzekile ngalolu suku.
Uthe indodana yakhe igwazwe yafa ngumngani wayo, (igama lakhe eligodliwe aze avele enkantolo).
Ngosuku abulawe ngalo umufi, uthe bekusebusuku bendawonye endaweni yokucima ukoma, ekhona elokishini.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, umsolwa ibimnenga indaba yokuthi umngani wakhe usethole umsebenzi eMgungundlovu, yena usezosala yedwa aqhwaye ilahle.
“Bese kuwusuku mhlawumbe lwesithathu indodana yami ihilizisana nalo mfana, bebanga yona kanye indaba yokuthi indodana seyizoya kosebenza eMgungundlovu.
“Lo mfana ubengayizwa kahle le nto, kubonakala nje ukuthi unomona, ebuza nokuthi yena usezosala nobani ngoba ubehlala nendodana yami bengasebenzi bobabili,’’ kuchaza unina kamufi.
Unina kamufi usola umngani wendodana yakhe ngokuyigwaza esifubeni, okuphethe ngokuthi umphefumulo wayo uphume isifikile emagcekeni akubo.
“Indodana yami ifike ekhaya ihembe layo ligcwele igazi futhi ingcolile, kubonakala ukuthi wumuntu okade elwa. Kuthe uma simbuza ukuthi kwenzekeni, wasitshela ukuthi umngani wakhe umgwazile, basabanga yona indaba yokuthi uthole umsebenzi eMgungundlovu,’’ usho kanje.
Eqhuba, uthe indodana yakhe ingene endlini isibonakala ukuthi iphelelwe ngamandla, yathi icela ukuphumula, yalala phansi ekhishini yangabe isavuka.
“Kuthe uma umyeni wami embheka, wabona ukuthi kunenxeba elimbi elisesifubeni agwazwe lona. Namanje angikayikholwa le nto eyenziwe ngumfana wakwamakhelwane kithina,’’ kusho unina kamufi ngokudabukisa.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngomthombo walo olwazi kahle lolu daba, ukuthi umsolwa ubekade esonga ngokuthi uzombulala umufi ngoba usezitshela ukuthi uhlakaniphile ngokuqashwa eMgungundlovu.
Umthombo uveze ukuthi kuyimanje umsolwa ugcwele amathafa, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya kabanzi ngecala lokubulawa komuntu wesilisa.
“Kukholakala ukuthi owesilisa ugwazwe kabuhlungu maqede washona ekhona lapho. Imbangela yalesi sehlakalo ayikaziwa, amaphoyisa asaphenya,’’ kuchaza uColonel Netshiunda.