UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe kunesidingo sokuthi kwandiswe izikole ezifundisa abakhuluma ulimi lwezandla kuleli njengoba behleli bemkhalela ngokushoda kwazo.
URamaphosa uthe lide ibanga eselihanjiwe njengoba lolu limi selusemthethweni ezweni.
“Sinabafundi baka-matric ababhala leli banga besebenzisa ukukhuma ngezandla. Njalo uma ngihlangana nabagqugquzeli balolu limi bakhala ngokuthi kumele kwandiswe izikole ezizofundisa ngaloi. Yinto esizoyibheka singuhulumeni ukuthi iyenzeka,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi esayina ukuthi lolu limi lube ngolusemthethweni ezwenii njengolimi olukhulunywayo, ezindlini zoMbuso ePitoli.
Lokhu kusho ukuthi zingu-12 izilimi ezisemthethweni kuleli emva kokusayinwa komthethosivivinywa, iSouth African Sign Language
Uthe ukusayina umthetho kuhlale kuba yinto engenzeki esidlangaleni njengoba ekwenza emahhovisi oMbuso.
“’Kodwa kulokhu kunokujabula nemfudumalo njengoba sisayina into ebaluleke kangaka. Ngiyaxolisa ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi size sisayine lo mthetho obaluleke kangaka ezweni lethu.”
Uthe amaqembu ahlukene ePhalamende avota ngo-elethu ngoMeyi 2, 2023, ukuthi kuchitshiyelwe uMthethosisekelo wezwe, ukuze kufakwe lolu limi ngokusemthethweni.
“Ngalokhu kuhlonishwa amalungelo abantu abangakhulumi okunzima ukuthi bezwe. Akusezoba khona ukucwaswa kwabaphila nalokhu kukhubazeka ngoba uMthethosisekelo usuyabavikela.”
Uthe izwe lalapha lingelesine ezwenikazi i-Afrika ukugunyaza ukuthi lolu limi lube semthethweni.
Amanye amazwe lapho lusemthethweni kubalwa iKenya, Zimbabwe ne-Uganda.
Babalelwa ku-600 000 abasebenzisa lolu limi kuleli.
Iizinhlangano ezehlukene, okubalwa kuzo neSouth African National Deaf Association (Sanda) zikushayele ihlombe ukusayinwa komthetho.
UMnuz Jabulani Blose wale nhlangano, uthe kufana nokuthi kuzelwe ingane entsha ngokusayinwa kwalo mthetho osekunesikhathi bewusebenza.
Uthe abantu abaningi kusuka emalungwini ePhalamende, izinhlangano ezehlukene zomphakathi kanjalo nabantu nje bebebaseka empini yokuthi luphasiswe ilimi kuleli.
“Yinto ebesivele siyilangazelela ukuthi yenzeke kuleli. Siyajabula ngoba leli phupho lifezekile.”