ZIMKHALELE uFata webandla lamaRoma aKhatholika okuvela ukuthi ushaye ngesando ekhanda ilungu lebandla ngemuva kwengxabano.
UFata esingeke silidalule igama lakhe okwamanje ungumholi wePherishi yaseKlaarwater, iSt Charles Lwanga okuyilapho isigameko esenzeke khona.
Kuvela ukuthi lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo emini kanti kuze kwangenelela obezosika utshani.
Ilungu lebandla elilinyaziwe kuvela ukuthi linguthisha kwezinye zezikole.
Ngaphambilini lalikade lisekomitini lezezimali kuyona le Pherishi kodwa lahoxa ngomunye unyaka. Kuyimanje kuvela ukuthi likhonza ebandleni eliseMontclair.
Umthombo uveze ukuthi umgilwa ugasele emagcekeni esonto ngoMgqibelo kungazelele muntu.
Kuthiwa ufike ngesikhathi uFata esamatasa ngaphakathi elathini elungiselela inkonzo yamasundu ebizokuba khona ngakusasa.
Kuthiwa uFata ubevele esebenza ngesando ngoba kukhona abekulungisa ngoba kuzoba inkonzo enkulu ngeSonto.
Kuthiwa esengaphakathi ufune incwadi kuFata okungacaci kahle ukuthi ngeyani.
Kuthe uma uFata emtshela ukuthi akamlinde kancane, kwabonakala sengathi akakwamukeli lokho.
Kuyavela ukuthi uFata umbuzile ukuthi kungani ezofuna usizo lwencwadi kwiPherishi angasakhonzi kuyona?
Kuthiwa umgilwa uvuke ngolaka kwaphoqa ukuthi uFata amshiye angene eSacrista.
Kuthiwa ingxabano yabo iqhubekile lapho behilizisana ngamazwi kanti bagcine sebebambana ngezandla, umgilwa wagcina ngokuwa.
UFata kuthiwa uzame ukumsabisa ngesando ngesikhathi evuka eqonda ngqo kuye. Ekuhilizisaneni kwabo, umgilwa ugcine eshayeka wopha ekhanda.
Kuthiwa kube sekungena obesika utshani emnyango ngoba ezwa ukuthi kukhona ubugungqugungqu obukhona.
Ilungu lebandla elikhulume neSolezwe lithe uFata ungumuntu othanda ukwenza izinto ngendlela yakudala, obekwenza ngayo amaKhatholika.
Kuthiwa ngaphambi kwakhe bekukhoba uFata osemncane obenza kube nokushukuma ebandleni, enza izinto ngendlela yesimanje. Amakholwa kuthiwa abesejwayele leyo ndlela.
Amanye amalungu aleli bandla aveze ukuthi akhathazekile ngalesi simo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokuzama ukubulala.
"Kusolakala ukuthi owesilisa ulinyazwe kabuhlungu ngesando ekhanda nasesiphongweni,'' usho kanje.