IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela indoda eneminyaka engu-27, esolwa ngokusabisa ngokuqhumisa ngebhomu isikhulu se-Eskom, uMnuz Jan Obeholzer. Isitatimende se-Eskom siveza ukuthi u-Obeholzer, oyisikhulu sezokusebenza wathola umyalezo umsongela ngokuthi uzosakazwa ngebhomu.
Kwabe sekubikwa udaba kwabezokuphepha e-Eskom, nasemaphoyiseni udaba lwathathwa woKlebe, abathola ukuthi inombolo ayibhalisiwe ku-RICA. OKlebe nenkampani yabaqaphi iBidvest Protea Coin, eqashwe yi-Eskom, bazingele umsolwa baze bamthola waboshwa. Kuthiwa uboshwe eseVosman, eMalahleni, eMpumalanga. Kuvela nokuthi kunobufakazi obuqanda ikhanda obumyamanisa necala.
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo ngesonto elizayo. INhloko yezokuPhepha ye-Eskom, u-Advocate Karen Pillay, ithe ukuhlukunyezwa kwezikhulu nabasebenzi be-Eskom ababhekene nomsebenzi ngesikhathi esinzima, kuyaphazamisa kakhulu.
“Izinga nendlela abasatshiswa ngayo kubenza bakhathazeke ngokuphepha kwabo nemindeni yabo bese kuyabaphazamisa emsebenzini obalulekile obahlalele,’’ kusho uPillay.
Uthe izikhulu ze-Eskom zisanda kubhekana nokunye ukuhlukumezeka ezinyangeni ezedlule. Uthe lokhu kwenza ukuthi i-Eskom ingene ezindlekweni izama ukuqinisa ezokuphepha
Ubonge kakhulu oKlebe ukuba balubeke eqhulwini udaba wathi bayakuqonda ukuthi kukhona namanye amacala abawasebenzayo amaningi nabalulekile. I-Eskom isanda kumemezela ukuboshwa komshayeli weloli yenkampani abanenkontileka nayo, owabanjwa oqotsheni eshushumbisa amalahle.
Kwenzeka konke lokhu nje, i-Eskom inenselelo yokucima ugesi ngenhloso yokuwonga ebonakala iyisinengiso kakhulu emphakathini wakuleli. Kusanda kuboshwa ababeyizikhulu kwa-Eskom abasolwa ngenkohlakalo. Kanti kuqokwe ibhodi elisha le-Eskom, okukholakala ukuthi lizokwenza okungcono ukubuyisa uzinzo enkampanini engaphansi kukahulumeni.