USHIYE phansi umsebenzi uMnuz Andre De Ruyter, obeyisikhulu esiphezulu senkampani ephehla ugesi i-Eskom, okucishe kwaphela iminyaka emithathu eqhoqhobele lesi sikhundla.
Ngokwemibiko yamaziko ezindaba ehlukene, uDe Ruyter utshele ibhodi le-Eskom ukuthi uyesula emsebenzini izolo.
Kumanje izwe lisesigabeni sesihlanu sokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, lapho nabanye abahlaziyi bezamandla bese beqalile ukuzwakalisa ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka izwe likhushulelwe esigabeni sesishiyagalombili sokucijnywa kukagesi.
Cishe ukwesula kukaDe Ruyter kungenzeka kuqhilikise izihlathi ezakhamuzini zakuleli, ngenxa yokuthi ubesevele ephenduke iqaqa kwabaningi.
Owayeyinhloko yeStatsSA, uDkt Pali Lehohla, uthe isikhala sikaDe Ruyter kumele sivalwe ngunjiniyela owazi umsebenzi wezamandla, hhayi umumtu othatha amashansi.
“I-Eskom yinkampani edinga ukwenganyelwa wonjiniyela nosomnotho abazi kabanzi ngezamandla. Okwamanje ayiphethwe yibona, kunalokho iphethwe wosopolitiki nabagcinimabhuku abangaqondi ukuthi le mboni isebenza kanjani,” kusho uDkt Lehohla,
Owayewumholi weDemocratic Alliance, uMnuz Mmusi Maimane embhalweni awufake enkundleni yokuxhumana iTwitter izolo, ube ngomunye wabokuqala ukudalula izindaba zokushiya kuka De Ruyter.
“Sengithole ukuthi isikhulu esiphezulu senkampani i-Eskom, u-Andre De Ruyter sizokhishwa esikhundleni saso namhlanje ngenxa yokuhluleka kwaso ukuxazulula inkinga kagesi,” kubhala uMaimane kwiTwitter.