UBESANDA kutshela umndeni wakhe ukuthi usenza umsebenzi wokugada isiqumama esaziwayo eThekwini omunye wababulewe ehostela laKwaMashu ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko kufe uMnuz Nkululeko Mthethwa (29) noMnuz Khulekani Phelelani Gasa (28). Kuphinde kwadutshulwa kwalinyazwa ingane enezinyanga ezimbili, esalashwa esibhedlela.
Isihlobo sikaGasa sasoLundi esingathandanga ukudalulwa siveze ukuthi umufi ubengasemningi ehostela ngoba esethole umsebenzi wokuqapha isiqumama thizeni saseThekwini okuthiwa ubesigagula ngegama kodwa abasalikhumbuli ngoba bebenganaki.
Elandisa ngesigameko umnikazi wendlu okwenzeke kuyo isigameke, naye ocele ukungadalulwa ngenxa yokubona engaphephile, uthe isigameko senzeke sekuqala ukuhwalala, esanda kubuya emsebenzini.
Uthe uphume endlini yakhe waya endlini encane.
“Endleleni ngihlangane noNkululeko (Mthethwa) ehamba nonina wengane yakhe, obephethe ingane. Unina wengane kaNkululeko ungibuze ukuthi ukhona yini owesifazane engihlekisana naye endlini. Bangabangani, bajwayele ukuvakashelana endlini. Ngilandulile ngathi akekho, ngaqhubeka nendlela yami,” kusho owesilisa.
Uveza ukuthi ubesesendlini encane ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu kaningi.
Uthi uqale wangazitshela ukuthi siqhuma eduze.
“Ngithe uma ngiphuma ngaqaphela ukuthi abantu engibadlule bezenzela izinto zabo emnyango okukhona kubo nabebesempompini, bese bengasekho. Ngithe uma ngisondela ngasendlini ngaqaphela ukuthi isicabha sesishaywe yinhlamvu, ngavele ngabaleka ngayocasha nami,” kusho yena.
Eqhuba uthe uze wasondela emva kwesikhathi, esebona sekuphuma nabanye abantu ezindlini.
“Ngifice uNkululeko eseshonile ikhanda libheke ngasemnyango. UKhulekani (Gasa) ubengasekamelweni, ezibhonqa ecela usizo, yena ubedubuleke esiswini,” usho kanje.
Ubuye wathi akakwazanga ukuthola ukuthi bahlaselwe kanjani ngoba unina wengane okwenzeke lokhu ekhona, ubephithene ikhanda, ephuthuma eyisa ingane yakhe esibhedlela.
Uthe nalona obesazibhonqa, uphuthunyiswe khona esibhedlela kodwa wafike washonela khona.
“Ngithuke kakhulu. Angiqondi ukuthi yini imbangela yokuthi bazodutshulelwa endlini yami. Kwamina anginasitha engisaziyo, kuyangidida ukuthi kungahlaselwa abantu endlini yami,” kusho lo wesilisa.
Elinye ilungu lomndeni kaGasa lichaza ngokubulawa kwelungu kwakhe, lithe bezwa ubuhlungu ngesihluku sababulali.
Lithe okwenza kube buhlungu kakhulu ukuthi umufi ubeye abaxoxele ngobunzima bokuhlala kuleli hostela elinobugebengu.
Uthe ubekasho ukuthi uma kwenzeka izigameko zokubulawa kwabantu kuleli hostela, abantu bayathula noma benalo ulwazi ngenxa yokubona bengaphephile.
“Okwethu ukuthi sifihle ilungu lomndeni wethu, sizame ukuxolisa izinhliziyo ngoba kusobala ukuthi nalowo onolwazi ngesigameko, angaze ayixoxe sekwaphela unyaka kwenzeka isigameko,” kusho ilungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.