UMNDENI wowesifazane waseNhlalakahle eMgungundlovu obulawe nenye yezingane zakhe, kwaphinde kwabulawa nabesolwa ngokuthandana naye ngoMgqibelo, uthi umsolwa ubevele engumhlukumezi.
Kulesi sigameko umsolwa ongunogada enkampanini yonogada udubule wabulala uNksz Purity Noluthando Mkhize (28), Lisakhanya Sinqobile Mkhize (3) nowesilisa igama lakhe elingatholakalanga.
Kubikwa ukuthi uphinde wadubula walimaza ingane eneminyaka emibili okuthiwa iyelashwa esibhedlela. Zombili izingane ezidutshuliwe ngezakhe umsolwa azithole kumufi uNksz Mkhize.
Kuthiwa ubuye wadlulela kwamakhelwane oseduze, wafike wadubula owesilisa abemsola ngokuba nobudlelwane bezothando nonina wezingane zakhe.
Emva kwalokho ube esezidubula naye, watholwa ngamaphoyisa komunye umgwaqo osendaweni, engakashoni, waphuthunyiswa esibhedlela lapho agadwe khona amaphoyisa.
Umamkhulu kaNksz Mkhize, uNksz Londiwe Mbongwa, elandisa ngokwenzeka kwesigameko, uthe umsolwa uqale ukukhombisa impi ngoLwesithathu olwedlule.
Uthi ngalolo suku umsolwa wafika emsebenzini kaNksz Mkhize, wamthatha ngenkani waya naye kubo.
“Wafike wamshaya, wamphuca neselula yakhe. Wathola indlela yokuphunyuka (umufi), wabuya weza ekhaya, wafike washo ukuthi uyise wezingane zakhe umshayile waze wamphuca neselula,” kusho uNksz Mbongwa.
Uqhube wathi ngoMgqibelo ekuseni umsolwa uphinde watheleka ekhaya wafike wahilizisana noNksz Mkhize ngaphambi kokuba amdubule namadodakazi akhe womabili.
“Udadewethu utshelwe indodana kamufi endala (9) ukuthi uyise kaLisa udubula unina nodadewabo. Yena akamdubulanga, udubule lezi ezizalwa nguye izingane nonina,” kusho uNksz Mbongwa.
Uthe bonke ubebadubula ezindaweni ezibucayi, okuchaza ukuthi ubenenhloso yokubabulala.
Uthe umsolwa udlulele kwamakhelwane lapho afike wadubula khona owesilisa abemsola ngokuthandana noNksz Mbongwa.
“Asazi noma bebethandana ngempela yini ngoba asizazi izindaba zezingane,” kusho uNksz Mbongwa oveze ukuthi lona wesilisa ushone endleleni ebheke esibhedlela.
Uveze ukuthi ekuthandaneni kwabo umsolwa ubevele enakho ukumhlukumeza, ubemshaya kodwa bebengakaze bacabange ukuthi angaze enze into enzima kanje.
Unina kaNksz Mkhize, uNksz Khanyisile Mbongwa, uthe ayikho into engathoba amanxeba abawadalelwe wumsolwa.
“Uze wayobulala nomuntu ongahlangene. Kusafanele mina uma kudlula sonke lesi simo, ngihambe ngiye kulowa muzi, ngiyoshweleza ngento engingayazi ngesenzo sakhe. Ungixabanise nomakhelwane, ebulala umuntu wakhona,” kusho unina kamufi.
Uqhube wathi lona wesilisa ubenomuntu wakhe abethandana naye, abanezingane ezincane naye.
“Enye inonyaka izelwe, enye ifunda uGrade 11. Zincane. Uma kudlula umngcwabo kumele ngiyoxolisa ukuthi babulawelwe indodana ngento engekho,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya amacala amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kulandela isehlakalo sokudubula.
Uqinisekisile ukuthi umsolwa utholwe elimele emgwaqweni kwatholwa nesibhamu eduze kwakhe.