Obengumsakazi woKhozi FM, uBheka “Beekay” Mchunu ubehlushwa yinto ebikhuphuka esifubeni nasentanyeni imncishe umoya.
Lokhu kuvezwe ngumnngani wakhe uLungelo “Ngelo V” Vilane ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaBeekay ebiKwaDlangezwa, eMpangeni, ngeSonto.
UBeekay (45), ochazwe njengomuntu obenenhliziyo emnene, ephana, enamahlaya futhi ethobekile, ushone ngoLwesibili ngemuva kokugula isikhathi.
UNgelo V uthe uBeekay uqale ukugula ngo-2020, kuyinto encane kodwa abantu bagcina sebebona ngoba kwakumphazamisa emsakazweni kokunye angaluqedi uhlelo.
“Wathi bafo ngiyagula ngisaya kodokotela. Ngancokola ngathi asiyohlola, wathi asingene sobabili sahlola saphuma sihleka,” kusho uNgelo V.
Uthe bazame odokotela besintu nabesilungu futhi ngisho eyohlola ubethi abangene bobaili.
“Ngiyazi ukuthi niyakhala nithi kumzumile thina esibe seduze kwakhe sithi uphumulile. Ugulile ubafo.”
Uthe ubekhala athi kunento enyuka esifubeni, ekhala ngekhanda nenkwantshu ezandleni.
“Uma ekhala ngento enyuka la ubuyibona, ubusibona isifuba sikabafo sikhukhumala. Entanyeni ubuyibona acokame afune umoya.”
Uthe uBeekay ugule emoyeni nasenyameni ngoba ubenomusa ephana kodwa abantu athe ukhanyise izibani zabo abazange bavele kuye, uma bekhona bancane.
Ubalule ukhwantalala nengcindezi athe ube nayo yamhlukumeza nasemzimbeni.
Umafungwase kaBeekay, uZiyanda, ekhulumela izingane zakwabo, uchaze uyise njengendoda ebilungile futhi ibathanda. UZiyanda uthe ngesikhathi uyise egula bekunzima ukumbona ehlukumezeka kodwa bezama ukuqina.
“Kubuhlungu kakhulu ukuthi sonke simi la asisenababa kodwa sinomama bethu, obaba omncane nobaba abadala. Sithembisa ukwenza ubaba aziqhenye ngathi,” kusho uZiyanda obebuye acaphune amavesi eBhayibheli.
Uthe ubethanda umndeni wakhe, abangani nozakwabo.
UBeekay ubeyingane yesithathu kuyise uNhlamvana Mchunu nonina uBonakele Mchunu ongasekho.
UBeekay ushiye emhlabeni izingane zakhe eziyisithupha, odadewabo nabafowabo abayisishiyagalolunye sebebonke.
Umfowabo kaBeekay, uSifiso, uthe bebefisa ukumngcwaba kwesaKwaMthethwa lapho azalwa khona kodwa umholi wamaNazaretha aseBuhleni uNyazi, lwanqaba lubuza ukuthi kukhona bani khona?
“Ngithe mina ukhona ubaba omncane. Wabuza ukuthi akude kangakanani amathuna? Ngithe athe ukuqhela. Wathi ngeke uBeekay angcwatshwe kanjalo, phela inkosi le. Bazophalazela kuye bagezele kuye. Zama indlela, ngithi mina angazi baba lapho esikhona. Sebakuvala ukuthi uma wakhe ngaleyo ndlela ungcwabe egcekeni. Uthe hamba ukhulume noZungu,” kusho uSifiso.
Uthe usuke kuNyazi ephithene ikhanda kodwa iNkosi uZungu yavuma.
Enkonzweni yomngcwabo abantu bebephume ngobuningi babo, abanye beyithamele bukhoma kwiFacebook ekhasini leNcanda Funerals lapho ebisakazwa khona.
Uhlelo beluphethwe nguLinda Sibiya, Dudu Khoza noNgizwe Mchunu.
Bekukhona abasakazi, izikhulu zikahulumeni, osomabhizinisi nabanye.