KUTHIWA ubesebenzisa iNcwadi eNgcwele ukuxhopha izingane uMfundisi webandla elise-Waterloo, ngase-Verulam, otitinywe kanzima ngabantu emva kokuvela kokuthi ubuye anukubeze ngokocansi abafanyana angumqeqeshi wabo ebholeni.
Lo msolwa oneminyaka engu-57, kuthiwa ungeniswe esibhedlela kukubi lapho eluswe khona amaphoyisa. Kuthiwa ithumba ngemikhuba asolelwa kuyo liqhunjuswe omunye wabafana oqunge isibindi wabikela unina ngamanyala enziwa kubo. Kuthe ngoLwesibili ntambama, umphakathi wendawo wamthelekela, usho ukumudla luhlaza. Nakuba usindile yingoba kufike onogada benkampani i-Reaction Unit of South Africa (Rusa).
UMnuz Xolani Ngcobo, onguSihlalo wekomiti elibhekelele ukulwa nobugebengu endaweni, uthe omunye wabafana abebeqeqeshwa wumsolwa ubikele unina ngobekwenzeka. Uthe umsolwa ubehlala yedwa ngakho izingane bezimvakashela, ewumuntu ozifundisa ngeBhayibheli nangebhola obekwenza abazali banganaki.
“Sitshelwe ukuthi uyabaqeqesha ebholeni njengoba eneqembu labafana abancane abaneminyaka engaphansi kuka-10. Abagilwa abane abaphumele obala ngaleso senzo baveze ukuthi uqala ebabhixe ngo-Vaselina ngemuva ngaphambi kokubanukubeza alale nabo. Baveza ukuthi kwesinye isikhathi uyabaphoqa ukuthi bamphulule umphambili, kanti izingane bezisaba ukusho ngoba ubesonga ngokuzenzakalisa,” usho kanje.
Umsolwa kuthiwa uqashwe kuMasipala weTheku, kanti lokhu kokufundisa ngeBhayibheli nokuqeqesha ubekwenza ngesikhathi sakhe.
UMnuz Prem Balram we-Rusa, uthe ngesikhathi befika umsolwa ubesehlutshulwe konke abekugqokile, esenqunu, abantu besafuna ukuqhubeka nokumshaya.
“Sithole ukuthi umsolwa lokhu ubesekwenze isikhathi esingangonyaka. Kuthiwa ubeziqhuba izingane ziyiqembu noma ahehe eyodwa, azifakele izidakamizwa bese egila le mikhuba. Kusolwa ukuthi umsolwa phambilini ubeseke waboshelwa icala elifanayo lokudlwengula umfana omncane alenze eMhlasini, kodwa lokhu akukaqinisekiswa,” usho kanje.
UNksz S’bo Ngcobo wenhlangano ebhekelele izingane engenzinzuzo, uThingo Crisis, uthe isikhathi esiningi izingane zinukubezwa ngabantu abasuke bethenjiwe.
“Kubalulekile ukuthi singabazali siqaphele kakhulu izingane zethu, sizinike isikhathi sokukhuluma nazo sizilalele. Noma ngabe ingane yenza ezemidlalo, kubalulekile ukuthi umzali abe nobudlelwano nomqeqeshi, azi futhi ukuthi ingane yakhe idlala kuphi, nini. Kumele ahambe ayoyibuka uma kunemidlalo ukuze uma kukhona okungahambi kahle kuzoba lula ukuthi asheshe asole,” usho kanje.
Uthe abazali kumele baqinisekise ukuthi izingane ezidlule kulesi simo ziyakuthola ukwelulekwa ngokomqondo ukuze zingabinakho ukuzenyeza nolaka esikhathini esizayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuboshwe umsolwa ona-57 ngamacala okudlwengulwa kwabafana abane.
“Amacala okudlwengula avulwe esiteshini samaphoyisa e-Verulam. Imibiko iveza ukuthi umsolwa ushaywe ngamalungu omphakathi kanti ungaphansi kweso lamaphoyisa esibhedlela,” usho kanje.