UMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, uyaqhubeka nokulolela izembe abaholi benhlangano abaqavile.
Muva nje, kuputshuke incwadi lapho uBarnes ebizela iMeya yaseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, emhlanganweni ophuthumayo.
Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe Ngempelasonto, uBarnes uthe ufuna ukuthi uMkhabela azochaza ngezinto ezithinta ukuphathwa komkhandlu.
INFP iphethe lo mkhandlu ngokubambisana ne-ANC.
UBarnes uthe uthole izikhalazo ebuholini be-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, athe abeneme ngokuphathwa komkhandlu.
“Uma izinto zingalungiseki ngokushesha zingase zibeke engcupheni ubudlelwane bethu ne-ANC komasipala, esifundazweni nakuzwelonke.”
UMkhabela uphinde abe usihlalo weNFP kazwelonke.
Ethintwa yiSolezwe Ngempelasonto, uBarnes ukuqinisekisile ukuthi usebhalele uMkhabela incwadi embizela emhlanganweni kodwa wanqaba ukuphawula ngayo.
“Lena yindaba ethinta iqembu, ngeke ngiphawule ngayo kwabezindaba. Lona othumele abezindaba le ncwadi ugangile, mhlawumbe ubezitshela ukuthi ngizoyeka ukubuza imibuzo. Ngiyazi ukuthi iputshuke kanjani incwadi yaze yafika kwabezindaba,” kuphendula uBarnes.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMkhabela ayizange iphumelele ngoba ucingo lwakhe belungangeni, futhi akazange awuphendule nomyalezo awuthunyelwe.
UMkhabela akasiye umholi weNFP wokuqala ukubhalewa incwadi eshubile nguBarnes.
Muva nje, uBarnes ubhalele iphini lemeya kumasipala waseThekwini, uNksz Zandile Myeni, imeya yomasipala wakwaNongoma uMnuz Mshangane Ndabandaba, nonobhala jikelele weqembu, uMnuz Teddy Thwala, izincwadi ezibayalela ukuba bachaze ukuthi kungani kungafanele ukuthi bamiswe.
Labaholi basolwa ngamacala ahlukene. Basanda kubhalela uBarnes incwadi yabameli bemsababisa ngokumthathela izinyathelo zomthetho uma ebamisa.
Umthombo ongaphakathi kwiNFP uthe izingxabano eziningi eqenjini zidalwa ukungaboni ngaso linye ngodaba oluthinta uhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
UBarnes uke wasabisa ngokuthi iNFP izohoxa kulo hulumeni emva kokuthi ephuthwe yisikhundla sobumeya kumasipala wesifunda, iZululand.
UBarnes wayekholelwa ekutheni iNFP ne-IFP kufanele basebenzisane nakomasipala ngoba sebebambisene esifundazweni.
Nokho isikhundla sobumeya kumasipala waseZululand sagcina sithathwa yikhansela le-IFP, uMnuz Michael 'Mkhonyovu' Khumalo.
Kwaba khona abaholi beNFP, okubalwa kubo uThwala, abaphumela obala bathi ngeke iNFP ihoxe kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Ilungu leNFP eliqavile elicele ukuba igama lalo lingadalulwa, lithe izinto zimapeketwane ebuholini beNFP.
“Le nto ibaqhathile kakhulu abaholi. Wonke umuntu uzibheke yena. Le ndaba yokubusa ngokubambisana isiqhathe kakhulu. Asazi ukuthi iyozala nkomoni. Okubuhlungu ukuthi sisanda kukhetha ubuholi obusha, lobu osebubhekene ngeziqu zamehlo manje.”