KULINDELEKE ukuthi asifake ngoLwesithathu isicelo sakhe sebheyili owesilisa osolwa ngokudubula abulale iphoyisa eNdawana, eKokstad, ngoJulayi nonyaka.
Kulesi sigameko kwashona uConstable Smanga Mtolo (29) owayesebenza esiteshini samaphoyisa i-Evatt, khona eKokstad.
Kugcine kuboshwa uMnuz Monwabisi Mkulisi (33) esifundazweni saseMpumalanga, ngoMsombuluko odlule, wabuya wazovela eNkantolo yeMantshi yaseKokstad ngoLwesithathu.
Ubhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Elandisa ngesigameko okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe kusolwa ukuthi uConst Mtolo wadutshulwa uMkulisi ngesikhathi engekho emsebenzini.
“Kubikwa ukuthi uConst Mtolo wayehleli emotweni yakhe nabangani ngesikhathi kusondela kubo uMkulisi. Kuthiwa baba nengxoxo emfishane ngaphambi kokuthi uConst Mtolo aphume emotweni yakhe,’’ kusho uMhlongo.
Uqhube wathi uConst Mtolo wathi ngesikhathi esaqhubeka nokukhuluma noMkulisi, wavele wamdubula ngentululwane yezinhlamvu.
Kuthiwa uConst Mtolo wafela khona lapho kanti abangani bakhe ababili ayehamba nabo bona balimala base bephuthunyiswa esibhedlela.
“Wabe esebaleka endaweni yesigameko ngezinyawo. Kwavulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala khona esiteshini sase-Evatt, idokodo lakhona ladluliselwa koKlebe ukuze benze uphenyo olunzulu,’’ usho kanje.
UMhlongo uqhube wathi ngoMsombuluko, uMkulisi ubanjwe esifundazweni saseMpumalanga lapho ebebhace khona.
Uthe wabe esebuyiswa KwaZulu-Natal ukuze avele eNkantolo yeMantshi yaseKokstad ngoLwesithathu oludlule.
Uphethe ngelithi usagqunywe esitokisini kuze kube uLwesithathu, lapho okulindeleke ukuthi afake isicelo sakhe sebheyili.