UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi uhulumeni wakhe uzobuyela ezintanjeni zokuphatha izwe bethanda bengathandi labo abafisa ukuthi bahambe beyoshona njengesipikili.
URamaphosa upiklele izimbangi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni eKapa ngoLwesine.
“Lena yinkulumo yokugcina yalo hulumeni ebhekiswe esizweni kodwa isiZulu sithi sizobuya bethanda bengathandi. Siyabuya kuyo le ndawo,’’ kusho uRamaphosa kwachwaza bebodwa abajabulayo abanye bemchitha bethi akahambe ashone.
Ubethula inkulumo yokugcina ebhekiswe esizweni njengoba kulo nyaka kuzophela isikhathi sikahulumeni owakhethwa ngo-2019. Inkulumo kamengameli iqale kahle yaze yaphetha ingaphazamisekanga njengoba amalungu e-EFF abengekho ePhalamende.
URamaphosa ukhulume wayidonsa emuva kakhulu kusuka ngo-1994, eqhakambisa izinto esezenziwe wuhulumeni we-ANC eminyakeni engu-30 usemandleni kuleli.
Phakathi kwezinto azibalile uthe uhambo lweminyaka engu-30 lube olunezinselelo kakhulu kodwa kuningi okuhle.
“Iminyaka engu-30 edlule ibe eyoshintsho kuleli futhi abantu abaningi balubonile. Bawabonile amathuba omsebenzi, ukuthula noxolo. Ngeke sikwazi ukuziba umsebenzi ongaka esiwenzile kodwa futhi asizibalekeli izinselelo esibhekene nazo,’’ kusho uRamaphosa.
Ukhale ngodaba lokubhozonyelwa koMbuso wathi luwulimaze kakhulu uhulumeni nezwe kodwa sekukuningi okwenziwe ukulungisa umonakalo.
Uthe umonakalo wezibhelu zango-2021 Julayi uyezwela kodwa uncome abantu bakuleli ngokubambana bangavumi ukuthi izwe labo liketulwe yilabo athe banezinhloso zabo.
Ukhale nangeCovid-19 ethi idlule nemiphefumulo yabantu nemisebenzi yaphazamisa nomnotho.
Uthe kodwa noma kunjalo izwe lama labambana ngesikhathi sobunzima, nakuba zikhonjwa izibazi kodwa manje sekwedlule izwe lihlabela phambili.
Udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane uthe lusalokhu luyinkinga enkulu kodwa amaqhinga okubhekana nalo akhona futhi kuzidingeka umphakathi ubambane ukuze unqobe lesi sihlava.
Ukhulume ngokuthi abantu bakuleli bahlomule kakhulu ngezindlu, ugesi amanzi okwakungekho ekuqaleni.
Uthe uyaqonda ukuthi inkinga yamanzi isabhokile kwezinye izindawo kodwa baphezu kwayo bayayilungisa njengoba kwakhiwa ingqalasizinda ezindaweni ezehlukene.
URamaphosa ubabaze usizo lwemali yesiboneleleo etholwa yizigidi zabantu bakuleli wathi lokhu okwenziwa wuhulumeni kufana nokwakha ikusasa elihle uma usiza abantu.
Ukhulume ngokucijwa kwezikhungo zikahulumeni ukuze ziwenze kahle umsebenzi.
Uthe izikhungo ezinjenge-SARS zazithithibaliswe ngamabomu kodwa sezivukile manje qingqo.
URamaphosa uthe umnotho wakuleli usumkhulu ngokuphindwe kathathu kunalokho owawuyikho ngo-1994.
Uthe udaba lukagesi olufana notwayi othi ulunwaya luvumbuka ngeke balukhohlwe bayaqhubeka nokululungisa.
Udaba lwezemfundo luchazwe njengolube nempumelelo kakhulu ngoba izinga lokuphasa lenyuke ledlula yonke iminyaka kuleli.
URamaphosa uthe izingane zifunda mahhala futhi ziyadla ezikoleni.
Kwezempilo wethembise ukuthi usabheka ukusayina eyomshwalense wezempilo i-NHI, athe bazoyifaka kancane kancane kuleli ukuze abantu bathole ezempilo ezifanayo.
Ukhulume nangokulekelelwa komasipala ukuze bahambise izidingo kubantu wathi kufanele kufakwe abanamakhono afanele ezikhundleni zokuphatha omasipala.
Ubalule nokutshalwa kwamaphoyisa ukulwa nobugebengu kuleli.