KUPHAZAMISEKILE ukufunda ezikoleni eziningi eMnambithi njengoba kuqhubeka imibhikisho kule ndawo okuhloswe ngayo ukukhipha esikhundleni iMeya yase-Alfred Duma, uMnuz Vincent Madlala, osolwa ngenkohlakalo nokubhebhethekisa udlame lwamatekisi endaweni. Ziyisithupha izinsuku manje kuvalwe yonke into kule ndawo njengoba kuqhubeka imibhikisho yomphakathi.
Kusukela kuqale imibhikisho, amatekisi namabhasi akuhambi okwenza abafundi bangakwazi ukuya ezikoleni, nabasebenzi bangakwazi ukuya emsebezini. Izolo ithimba leSolezwe lihambele eMnambithi ukuyohlola isimo emuva kokubheduka kwemibhikisho yamalungu omphakathi.
Leli thimba alikwazanga ukuhambela izindawo eziningi njengoba zivaliwe ngamatshe nangamathayi ngamalungu omphakathi ahlose ukuzwakalisa intukuthelo yawo njengoba efuna kuxoshwe uMadlala. UMadlala ongafunwa yena ushaya phansi ngonyawo, uthi akayindawo.
Elokishini eZakheni, nakhona ukufunda kuphazamisekile njengoba othisha nabafundi bengekho ezikoleni eziningi. Abanye abafundi balanyelwe yiSolezwe ngabo 10 ekuseni beyingxenye yomhlangano wamalungu omphakathi obukuleli lokishi abebhunga ngodaba lwemeya. Omunye wabafundi, uZama Mtshali, uthe kusukela ngeSonto eledlule ukufunda kuphazamisekile njengoba abanye abafundi nothisha bengekho.
“Othisha abaningi abakwazi ukufika esikoleni ngenxa yokuthi imigwaqo ivaliwe ngamatshe ngamalungu omphakathi abhikishayo,” kusho uZama. Uthe le mibhikisho iyabaphazamisa ngoba abasakwazi ukufunda.
Imigwaqo engenela edolobheni ivaliwe ngamatshe kanti namaphoyisa akanise yonke indawo. Edolobheni nakhona izitolo eziningi zivaliwe njengoba abantu bengekho kanti nabasebenzi abakwazi ukuya emsebenzini.
Abanikazi bezitolo ezimbalwa ezivuliwe bathi ibhizinisi liphazamisekile njengoba umphakathi ungakwazi ukuza edolobheni.
“Kuyabheda, akusebenzeki, abantu abekho, labo abakhona ababonakala lapha edolobheni yilabo abahlala lapha nasezindaweni eziseduze bona abakwazi ukuhamba ngezinyawo,” kusho uMnuz Salem Khan onesitolo esikhanda amaselula.
Uthe bayafisa izinkinga ezikhona zixazululwe khona isimo sizobuyela kwesijwayelekile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe siyabaphazamisa isimo esiqhubeka eMnambithi njengoba manje besonga ikota yokuqala konyaka.
“Ezinye izikole ziyabhala, njengoba sizimisele ngokwenza kahle kakhulu kulo nyaka. Asikwazi ukuvumela ukulahlekelwa ngisho usuku olulodwa. Uma abafundi bengafundi kusiphatha kabi kakhulu ukuthi sekuphele izinsuku eziningi izingane zingafundi,” kusho uMahlambi.