SINYUKELE kwabayisithupha isibalo sabashone esibhicongweni sengozi ebandakanya izimoto ezingu-41 eyenzeke emgwaqweni uN3 phakathi kweHilton neCedara eMgungundlovu ngeSonto.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezokuThutha uNksz Sindisiwe Chikunga izolo ngesikhathi ehambele indawo yesigameko.
“Isibalo esisha sabashone kule ngozi sesinyukele kwabayisithupha. Sithole umbiko wokuthi owesithupha ushonele esibhedlela,” kusho uNksz Chikunga.
Yize uNksz Chikunga enqabile ukudalula imininingwane ephelele ngabashonile ngenxa yokuthi imindeni yabanye babo ayikaziswa ngomshophi kodwa uthe abathathu abomndeni owodwa, bebehamba ngemoto eyodwa.
Uqhube wathi abanye abathathu bebesezimotweni ezintathu ezehlukene.
Uthe uphenyo ngembangela yengozi luyaqhubeka kanti ulwazi lwakhona luzonikezwa umphakathi uma selukhona.
“Kungenzeka ukuthi ingozi idalwe yiloli, noma itekisi noma imoto encane. Okwamanje asikakabi nalo ulwazi olugcwele lokuthi yini ebangele ingozi,” kusho uNksz Chikunga.
Uveze ukuthi kuyabakhathaza ukuthi imigwaqo ethathwa njengaleyo okwehla kuyo izingozi eziningi eNingizimu Afrika kuba yileyo eseqophelweni eliphezulu njengawo lona okwenzeke kuwo ingozi.
“Abantu uma beshayela kule migwaqo bavele bashayele ngesivinini esiphezulu nokugcina kuholela ezinhlekeleleni,” kusho uNksz Chikunga.
Uthe kuvame ukuthi izingozi eziningi zidalwe ubudedengu babantu abangazimiseli ngokuhlonipha imithetho yomgwago.
“Abantu bafuna ukwenza okufanele kuphela ngoba bebona iphoyisa lomgwaqo. Leyo ndlela yokuziphatha kubashayeli ayilungile,” kusho uNksz Chikunga.
Enza isibonelo uthe, abantu abaningi bayakhohlwa ukuthi kunegebe elithile okufanele livulwe umshayeli nemoto ayilandelayo.
“Abakwenzi lokho, yikho sithola ukuthi uma kwenzeka ingozi, kube nenqwaba yezimoto ezimbondelana ndawonye ngoba izimoto zisuke zilandelalana eduze,” kusho uNksz Chikunga.
Omunye wabasindile, uMnuz Jabulani Dlamini, uthe ingozi yenzeke eshayela esuka eMzimkhulu ebheke eGoli.
“Ngithe uma ngifika ngaseHilton, ngabona ukuthi kunenkungu, kanti sekukhona izimoto esezishayisene. Ngipake eceleni, ngizama ukumisa izimoto ebeziza zigijima. Engingakusho ukuthi bakwethu, asehliseni isivinini ngoba siyalimaza,” kusho uDlamini.
Lesi sigameko siholele ekutheni ezinye izinhlangano zomphakathi zishaye ikhwelo lokuthi kumiswe ukuhamba kwamaloli emgwaqweni.
Umholi we-Action SA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uveze ukuthi kuyakhathaza ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, ngoJanuwari endaweni ebudebuduze nale kwenzeka ingozi eyadlula nemiphefumulo yabangu-25, nayo okuthiwa yabangelwa yiloli.