SINYUKILE isibalo sabantu abashone ngengozi yebhasi eyenzeke eMusina, eLimpopo kulandela ukufa kwababili esibhedlela.
Lokhu kwenze isibalo sabashonile sihlale ku-22. Iningi labantu abashonile ngabavukuzi abasebenzela inkampani iMurray & Roberts.
Le ngozi yenzeke ngeSonto ntambama emgwaqweni uR572, ibhasi belisuka eMusina, lithwele abasebenzi abaya emayini iVenetia Diamond Mine.
Imibiko yokuqala iveze ukuthi leli bhasi lishayisane mahlanze neloli ngaphambi kokuba kugqabuke ilangabi langqongqa.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uFlorence Radzilani, uhambele indawo yesehlo ukuthola umbiko ngembangela yengozi.
Ngakolunye uhlangothi inkampani iMurray & Roberts, iqinisekisile ukuthi ngabasebenzi bayo abashone kule ngozi.
U-Ed Jardim okhulumela le nkampani, utshele abezindaba ukuthi bezwele ubuhlungu ngokwehlele abasebenzi babo futhi badlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.
“Njengamanje sibheke kakhulu ukweseka imindeni yezisebenzi zethu kulesi sikhathi sobunzima. Okwamanje kusaphenywa ngale ngozi nokusho ukuthi eminye imininingwane asikakabi nayo,” kusho yena.