INKAMPANI ephehla ugesi i-Eskom isimemezele ukuthi izwe lizonyukela esigabeni sesithathu sokucinywa kukagesi okuhleliwe ngoLwesibili ntambama ngo-4.
Le nkampani ikhiphe lesi simemezelo ngokugcizelela ukuthi lokhu kubalulekile ngoba kuphuke amayunithi ayo amabili.
Ayicacisanga ukuthi izwe lizohlala kulesi sigaba kuze kube yinini kodwa kusazokhishwa esinye isimemezelo ezinolwazi olugcwele.