ZIZOHLABANA amalunda ngo-Ephreli 26, eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lapho abameli beSilo uMisuzulu kaZwelithini naboMntwana uMbonisi Zulu, bezophikisana ngesicelo sokunqinda iSilo amandla.
Kusaqhubeka inkiyankiya uchwayo waMamboza yodaba lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, owaqala kukhothama iSilo esidala ngo2021.
Udaba kade lusenkantolo kuleli sonto lapho bekubhungwa khona ngosuku okufanele lungene ngalo lulalelwe. Udaba belulalelwe wuMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji Thoba Poyo- Dlwathi okhombe usuku.
UMntwana uMbonisi kaBhekuzulu wendlu yaseKhwezi, ufake isicelo enxusa inkantolo ukuthi ikhiphe umyalelo wokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sime ukusebenza kuze kube kusombululwa umbango wesihlalo.
Phakathi kwezinto akhala ngazo uMntwana waseKhwezi, wukuthi iSilo singaqoki abantu ezikhundleni zombuso kaZulu kuze kusombululwe umbango wesihlalo.
ISilo sivele sesimqokile uNdunankulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi nePhini likaNdunankulu inkosi Phathisizwe Chiliza.
Ithimba labameli boMntwana waseKhwezi, iJG and Xulu Incorpoarted Attorneys, lithi lihlalile laluthola usuku nokusho ukuqhubekela phambili kodaba. Abameli boMntwna waseKhwezi bathe bami ngomumo ukwenza izethulo.
Kuvele nokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sinikwe amasonto amathathu ukufaka incwadi efungelwe siphikisa isicelo soMntwana waseKhwezi. Lokhu kusho ukuthi iSilo kufanele sibe sesiwafakile amaphepha ngoMashi 8.
Phakathi kwabamangalelwe kulolu daba kukhona noNdunankulu waKwaZulu-Natal noMengameli wezwe okuvele ukuthi ngeke bawafake amaphepha.
ISilo siqhubeka nomsebenzi waso ngokwejwayelekile, kamuva nje kade sikhipha umkhulumeli waso uMntwana u-Afrika Zulu wasOnkweni. Siphinde sachitha inkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela esikhundleni sikasihlalo weNgonyama Trust.
Kwenzeka konke lokhu nje kukhona olunye udaba lwasenkantolo oluqhubekayo oludlulele eNkantolo yokweDlulisa amaCala, eBloemfontein. INkantolo eNkulu ePitoli yanquma ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa akalandelanga imigudu enika iSilo isitifiketi.
URamaphosa wanquma ukusedlulisa isicelo senkantolo esho ukuthi akagculisekile ngaso ukholwa wukuthi enye inkantolo ingabona ngenye indlela.