SIGWETSHWE iminyaka eyisithupha, emibili yalengiswa isikhulu sikaMasipala waseNdwedwe esilahlwe ngecala lokukhwabanisa.
Ngokusho kokhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uNkosingizwile Gama (38) ugwetshwe ngoLwesihlanu yiNkantolo yamacala athinta imali eThekwini.
Elandisa ngobugebengu obuholele ekutheni agwetshwe uGama, uMhlongo uthe wabenza phakathi kuka-2015 no-2016 ngesikhathi esebenza njengo-Payroll Administrator.
“Wasungula abasebenzi abayizipoki, ebaqamba amagama angekho ukukhwabanisa imali kamasipala. Ngaleyo ndlela umasipala walahlekelwa imali engu-R488 142.60,” kusho uMhlongo.
Eqhuba uMhlongo uthe owayesesikhundleni esingaphezulu kwesikaGama waqaphela imali esolisayo eyamaniswa nemiholo yabasebenzi.
“Wavula icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa eNdwedwe. Idokodo labe selidluliselwa koKlebe ukuze baqhubeke nophenyo,” kusho uMhlongo.
Uphethe ngelithi uGama limlahlile icala, wagixabezwa ngeminyaka eyisithupha, emibili yayo yalengiswa iminyaka eyisihlanu ngombandela wokuthi angatholakali enza icala elifanayo.