SIYAZICHITHA izinsolo ezenziwe nguMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, isitolo esithandwa ngomtakabani iWoolworths.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi uMalema egxeke abesitolo iWoolworths, ngokudayisa ukudla okuphuma e-Israel, ngesikhathi i-EFF ibhikisha futhi igxeka ukuhlasela kwe-Israel, ezweni iPalestine.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabaseWoolworths, yincane kakhulu imikhiqizo edayiswa esitolo esuke ivela kwamanye amazwe, bathi ingaphezu kuka-90%, impahla abayithengayo ekhiqizwe ngabakuleli.
Ukhwele wadilika uMalema, kwabaseWoolworths wakhipha umyalelo wokuthi bayikhiphe yonke imikhiqizo abayithenge e-Israel, wathi uma kungenjalo amalungu e-EFF azozingenela wona, ayisuse emashalofini ezitolo.
Esitatimendeni esithunyelwe yiWoolworths kwiSolezwe, isitolo sithe kalikho iqembu lepolitiki esihambisana nalo ngoba sanquma ukungangeni kwipolitiki.
“Siyisitolo saseNingizimu Afrika, esizigqajayo ngokuba ngesakuleli. Sithenga impahla yethu engaphezu kuka-90% emabhizinisini akuleli. Kuye kuthi uma kunomkhiqizo esingawutholi kuleli, sibe sesiwubheka kwamanye amazwe.
“Yonke impahla esiyidayisayo ikubeka kucace ukuthi ilandwe kuliphi izwe, ukuze umthengi athathe isinqumo esihambisana naye. Njengamanje uwodwa kuphela umkhiqizo obhalwe ukuthi ulandwe e-Israel, noma e-France, emashalofini ethu. Okusho ukuthi okuningi sikuthenga lapha ekhaya,” kuchaza iWoolworths, esitatimendeni.
Abesitolo baqhube bathi ngonyaka odlule basebenzisa uR7 billion ngokuthenga imikhiqizo yosomabhizinisi abancane abawu-32, bakuleli.
AbakwaWolworths baveze ukuthi babuye banikele ngokudla kukaR1 billion, emiphakathini eswele. Baphethe ngokuthi ukubhikishela iWoolworths kufana nokubhikishela abantu baseNingizimu Afrika, abalimi, abakhiqizi nabo bonke osomabhizinisi abasebenzisana nalesi sitolo.
IWoolworths ithe isenzo se-EFF singase silimaze imisebenzi nentuthuko, okuyinto wonke umuntu wakuleli, angahambisani nayo.