UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usesungule ithimba eliyisipesheli, elizoxazulula izinkinga zikaMasipala weTheku nechweba laleli dolobha.
Lezi zindaba uzimemezele ngoLwesine, emcimbini wokuvula ngokusemthethweni inkampani ezothutha impahla esuka ezitimeleni iye emkhunjini iNewlyn Park Terminal, eseduze kwechweba eThekwini.
“Ngisungule ithimba elibizwa ngeThekwini Presidential Working Group, elizobheka ukuthi uMasipala weTheku usebenza ngendlela efanele. Lizobuye liqinisekise ukuthi izinto zihamba kahle echwebeni laseThekwini. Sifuna ukubuyisela ichweba leTheku esicongweni ngoba yilona ebelihamba phambili e-Afrika. Sifuna libuyele lapho. Leli thimba kufanele lethule umbiko ngomsebenzi walo njalo emva kwamasonto amathathu,” kusho uRamaphosa.
Uncome umnikazi weNewlyn Park Terminal, uMnuz Raj Balmakhun, ngokufeza isithembiso asenza ngo-2019 sokutshala uR3.4billion.
Uthe baningi ababezitshela ukuthi ngeke sifezeke kodwa sifezeke phambi kwabo.
“Okwenzeka lapha kuwubufakazi bokuthi uma uhulumeni esebenzisana nosomabhizinisi, izinyunyana nomphakathi wonkana kuningi, okuhle okungafezeka. INewlyn idale amathuba omsebenzi awu-4 013 ngesikhathi yakhiwa nawu-1 000 njengoba seyiphelile,” kusho uRamaphosa.
Ugqugquzele osomabhizinisi nabantu bonke baseNingizimu Afrika ukuba bangalilahli ithemba ngoba abaziyekelelanga yize iKwaZulu-Natal yakhinyabezwa yiCovid-19, izibhelu nezikhukhula.
Usuke eNewlyn wanikela efemini yakwaTetra Pak, ePinetown, enwetshwe ngoR500 million.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe ukuvulwa kweNewlyn kusho ukuphela kwesiminyaminya njengoba amakhonteyna ezosuka echwebeni angene ezitimeleni.
Uthe kuyimanje sesiphelile isiminyaminya samakhonteyna echwebeni .
“Ichweba laseThekwini lisazoba matasa kakhulu ngoba manje kuza imishini emisha yokuqubula amakhonteyna. Impahla eningi izohamba ngezitimela ngakho osomabhizinisi bazobona ukuthi umsebenzi uyashesha echwebeni laseThekwini,” kusho uNkk Dube-Ncube.
UBalmakhun uthe usazodala inqwaba yemisebenzi ngezinhlelo ezehlukene zokuthuthukisa umnotho nengqalasizinda eduze kwamachweba.
Uveze ukuthi wakhulela emakethe yezithelo nemifino eThekwini, lapho umndeni wakhe wawudayisa imifino eyayithwalwa yisitimela isuka emapulazini.
Uthe lokhu kwamkhombisa ukuthi ukusebenza kahle kwezitimela kubalulekile kwezomnotho.
Phakathi kwezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda zeNewlyn kubalwa olwegesi oluzoletha ugesi owu-30MW Richards Bay, olokuphehla ugesi welanga kuzo zonke izikhungo zaseNewlyn.
Olokuthuthukisa i-terminal ye-manganese echwebeni laseNgqura, olwe-terminal ye-iron ore eSaldanha nezinye.