BAFUNA ukuthi kungenelele uKhomishana wamaPhoyisa kwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, noNgqongoshe wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, odabeni lwephoyisa elikhala ngokuhlukunyezwa, baphinde bazama ukulidlwengula.
Owesifazane (47), ongusayitsheni futhi ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngoba ezibona engaphephile, wehlelwa yilo mshopi ngesikhathi esebenza echwebeni laseThekwini ngo-2022.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi leli phoyisa lalingena ekuseni ngalelo langa ngesikhathi umsolwa, ongumabhalane ophikweni lwabaseshi osebenzela eMaritime House, efika edle amponjwana.
“Wayephuzile, kwakhona ofonela uzakwabo kasayitsheni ukuthi akazomthatha ayofihlwa lapho kusebenzela khona umgilwa ukuze abaphathi bakhe (umsolwa) bengamboni, wayiswa eV.I.S echwebeni laseThekwini,” kusho umthombo.
Ulandise wathi yilapho lo mlisa aqala khona ukuhlukumeza lo wesifazane, embamba futhi emshaya.
“Waqala wamshayisa odongeni ngesiphundu wawa phansi kwacima izibani, nalapho aqhubeka wamkhumula ijezi, wamehlisa ibhande kanye nebhulukwe. Lo wesifazane waphaphama sekukhona amaphoyisa kanye nabaqaphi abathathu kodwa abangazange bamsize ngalutho.”
Uqhube wathi lo wesifazane walubika udaba kubaphathi bakhe kodwa bamshaya indiva.
“Bamtshela ukuthi akaluyeke udaba ngoba uxolisile umlisa. Lo wesifazane uze washintsha indawo yokusebenzela, wayosebenzela eBayhead nokuyilapho abaphathi abambona khona ukuthi unengcindezi base bambuza ukuthi kwenzekani wabe esechaza kubo, wavula icala ngoNovemba 2022. Selokhu kwenzeka lesi sigameko umgilwa uphila ngamaphilisi okhwantalala ngenxa yokuhlukumezeka.
“Udaba walubika nasenyunyaneni yamaphoyisa, iSouth African Police Union (Sapu), kodwa nakhona bamxosha bemtshela ukuthi kufanele engabe ushadile usemzini wakhe, engalokhu ezobika izinto ezingamanyala.
“Njengoba icala alifaka ngoNovemba wango-2022, uze wabizwa ngoNovemba 27, 2023 ezothula ubufakazi. Ekuthuleni kwakhe ubufakazi wezwa sekuthiwa icala liphelile, umlisa lo uliwinile. Okumangazayo ukuthi akaze abizwe ngesikhathi icala liqulwa futhi ayikho nento ebhalwe phansi eshoyo ukuthi icala selicishiwe,” kubeka lo mthombo.
NgoJanuwari 2, 2024 abaphathi bacela ukuthi lo wesifazane afike nomndeni wakhe ukuze kuzoxoxwa ngalolu daba, naye umlisa axolise emndenini. Usufikile umndeni watshelwa ukuthi lo wesilisa uzoxolisa ngembuzi noma ngenkomo, baxakeka ukuthi lo mlisa lesi senzo usenziswa yini ngoba icala uliwinile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe icala lavulwa kodwa laphinde lachithwa enkantolo.
“Amaphoyisa asePhoyinti alivula icala lokuzama ukunukubeza owesifazane ngokocansi kulandela ukuthi owesilisa ezame ukudlwengula owesifazane oneminyaka engu-47 kuJonhson Lane ngoMashi 1, 2022. Icala layiswa kumshushisi omkhulu, lafika lachithwa enkantolo,” kusho u-Netshiunda.
UNobhala weSapu esifundazweni, uNksz Astrid Easthorpe, uthe akakwazi ukuphawula kabanzi ngalolu daba.
“Ngiyazi ngalo icala kodwa angivumelekile ukuthi ngiphawule ngalo. Usayitsheni wafika kimi washo ukuthi akaphathekile kahle ukuthi icala lisuliwe ngase ngicela ukuthi angilethele umbiko waso isigameko. Kodwa ulwazi oluningi anginalo ngoba anginayo ngisho nenombolo yalo icala ukuze silulandelele,” kusho u-Easthorpe.