Isosha lakuleli lidubule uzakwabo ngaphambi kokuzibulala ngesibhamu somsebenzi eDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoLwesine.
Amasosha eSouth African National Defence Force (Sandf) ajutshwe eDRC njengengxenye ye-United Nations Organisation Stabilisation Mission in the Democratic Republic of the Congo (Munusco).
UNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Thandi Modise uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko.
I-Sandf isisungule ibhodi elizophenya lisebenzisana neMunsco ukuthola ngokuholele kulesi sigameko.
Kwenzeka lokhu nje, ngenyanga edlule kufe amanye amasosha amabili aseNingizimu Afrika ngesikhathi kuqhunyiswa inkambu yawo khona eDRC. Kukesi sigameko kwalimala amanye amathathu.
Ekuqaleni kwenyanga edlule kuhlaselwe indiza enophephela emhlane yeSANDF khona eDRC ngesikhathi isuka eRwindi ilibangise eGoma.
Kwalimala umshayeli wayo owadubuleka emunweni nomunye wosizo lokuqala owalimala esifubeni. Abanye ababephakathi abalimalanga kanti indiza yakwazi ukufika kahle eGoma, ngokusho kweSANDF ngaleso sikhathi.