SEBEQULUSA emahlathini baphinde bazikhululele emabhakedeni abantu baseTafuleni, eNanda, abasola uMasipala weTheku ngokubathathela amathoyilethi angomahamba nendlwana, basala benkemile.
UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela uNkk Zandile Gumede iMeya yeTheku, ucele ukuthunyelelwa imibuzo ukuze aphendule ngezinsolo ezishiwo yilo mphakathi.
Lawa mathoyilethi ngokuthola kwaleli phephandaba, athathwe ezindlini zomxhaso ezisanda kwakhiwa kule ndawo.
Ngokusho kwabantu abakhulume naleli phephandaba ngenkathi lihambele kule ndawo, sekuphele isonto umphakathi wehla wenyuka uya emahlathini ngenhloso yokuyozikhulula, ngoba ungenayo enye indawo.
Ngaphandle kokuqulusa emahlathini, umphakathi wakule ndawo uthi ubuye usebebenzise namabhakede ukuzikhulula, okuyisimo osichaze njengesingenanhlanzeko, nesingahlukile kuleso esasenziwa ngesikhathi sobandlululo kubantu abamnyama.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Musa Nyaba, uvumile ukuthi lesi senzo senzekile.
Usole umphakathi ukuthi kwakungamele uvume ukuthi lawa mathoyilethi athathwe.
“Bayaya emahlathini bayozikhulula khona,” kusho uNyaba. Uthe ikhona eminye imizi emidala yabantu abakhile endaweni, umphakathi othathelwe lezi zindlu zangasese ogcina usuphoqelekile ukuthi ucele kuyona ukuzikhulula.
“Kwakumele batshele ababelande amathoyilethi ukuthi bona njengomphakathi balinde ubuholi ukuthi kube yibona obuzobatshela ukuthi amathoyilethi azothathwa,” kuchaza uNyaba.
Uthe naye wezwa sekuthiwa amathoyilethi asethathiwe, wayengazi lutho ngokuthi azothathwa. Umthombo ocele ukungadalulawa, utshele leli phephandaba ukuthi sekuphele isonto amathoyilethi athathwa.
“Abantu abadala yibona abashayeka kakhulu kulesi simo ngoba kuyibanga kubona ukuya emahlathini,” kubalisa umthombo.
UNyaba uthe imbangela yokuthathwa kwalawa mathoyilethi, uthole ukuthi idalwe ukungakhokhelwa kwenkampani ebihlinzekwe umasipala ukuthi iwahambise emphakathini.
Ngokubona kwale nkampani ingakhokhelwa ngokusho kukaNyaba, ibe isiwathatha. Uthe kuyimanje bayaxhumana nale nkampani ukuthi abuyiswe amathoyilethi njengoba kuphela isonto, ukuze kugwemeke ukudaleka kwezifo njengoba umphakathi uzikhulula noma yikuphi.
“Silindele amathoyilethi angu-75 ukuthi afike. Asazi noma azofika kanye kanye yini, noma kuzofika athile kuqala bese ngokuhamba kwesikhathi kufike amanye futhi,” usho kanje uNyaba.