KUGQUGQUZELWA abantu ukuba bakhithize babuye nganeno endalini yeBlack Friday ezoqala ngoLwesihlanu, ize iphele ngesonto elizayo.
Ngokusho kukaMnuz Carl Velusamy onguMphathi weMancosa School of Public Administration, ngonyaka odlule abantu baseNingizimu Afrika, bathenga izikhawu eziwu-1.4 million endalini yeBlack Friday bangenisa uR1.39 billion. Lokhu kusho ukuthi bathenga kakhulu uma kuqhathaniswa no-2022 lapho basebenzisa uR1 billion.
Ubalule ukuthi ucwaningo lweBankServ Africa, luveza ukuthi abantu bakuleli baqala ukuthenga phakathi kwamabili uma kuzosa kube wuLwesihlanu lweBlack Friday njengoba bathenga izikhawu eziwu-30 770, online, kwathi phakathi kuka-10 ekuseni kuya ku-11 emini bathenga izikhawu eziwu-93 814.
UNkk Nidia Lourens oyiSenior Actuary eMetropolitan, ucele abantu baseNingizimu Afrika, ukuba bakhithize babuye nganeno ngoba ezinye izipesheli zisuke zingezona izipesheli zangempela.
Ubalule ukuthi uma umuntu wayengahlosile ukuthenga ngeBlack Friday akufanele adidiswe yizipesheli ezikhangiswayo bese ethenga konke okusesipeshelini.
Abantu kufanele bacabangisise uma bezothenga ngosuku lweBlack Friday, baluthathe njengezinye izinyanga ezijwayelekile. Uthi kumele baqinisekise ukuthi babeka imali abayonga nyanga zonke, babeke eyezidingo nenye abahlale bezihlelele yona.
“Abantu kufanele baqinisekise ukuthi izipesheli bayazibhekisisa ngoba izitolo zenza isiqiniseko sokuthi zizoheha abathengi ngoba zisuke zihlose ukwenza inzuzo yangempela. Kufanele impahla ofuna ukuyithenga uyibheke kusaqala unyaka ukuthi iyimalini ukuze uma sekufika iBlack Friday uzobona ukuthi isesipeshelini sangempela yini,” kweluleka uNksz Lourens.
Uqhube wathi esikhundleni sokukhithiza, onezikweletu kufanele akhokhele zona noma ayofaka imali esikhwameni esizomenzela inzuzo ngokuhamba kweminyaka.
Uthe zonke izinhlelo abantu abafisa ukuzenza kufanele bazinameke obondeni noma efrijini ukuze bezozikhumbula bese bezifeza.
Udonse abantu ngokuthi bangathengi lutho ngesikweletu ngoBlack Friday ngoba lokhu kuzobadalela izinkinga.
Inkampani elwa nokuqolwa kwabantu iPositive Technologies ixwayise abantu ukuba baqaphele uma bethenga kumakhompyutha (online) ngoba iNingizimu Afrika, ihamba phambili ekuqolweni kwabantu ngamakhompyutha ngo-22% e-Afrika, bese ilandelwa yi-Egypt ngo-13%. Kuvela ukuthi ama-website abantu abasuke behlela ukuqola ngawo maningi aqola abaseNingizimu Afrika, ngoba awu-25%, kulandela iNigeria ngo-18%, kuze i-Algeria ngo-13%.
Uthe izigebengu ezintshontsha imininingwane ezinkampanini zikahulumeni zigadla kakhulu eNigeria 27%, Algeria 17%, Ethiopia 12% naseNingizimu Afrika 12%.
UMnuz Chris Boxall, oyiNhloko yezokuthenga ngamakhadi eFNB obuye alwe nokuqolwa kwabantu, uthe abantu kufanele baqaphe uma bethenga ngamakhadi online ngoba namaqola ahlale efuna intuba yokubaqola.
Uthe abantu kufanele bazijwayeze ukuthenga besebenzisa ama-virtual cards online ngoba wona ashintsha njalo iCard Verification Value (CVV) okuyizinamba ezisekugcineni ezihambisana nekhadi lomuntu, nomuntu.
Ucele abantu ukuthi bangakhiphi imininingwane yabo eyimfihlo okubalwa ama-pin, password, OTP nokunye okusuke kwaziwa yibona bodwa.
Uthe akufanele bangene kuma-links athunyelwe online, nakuma-sms.