UMHOLI weDA uMnuz John Steenhuisen usebenzise ukunqoba kwabo uMasipala waseMngeni ngamavoti amancane, ukukhuthaza abantu bakuleli ukuphuma ngezinkani okhethweni oluzayo.
USteenhuisen uthe ukunqoba kwabo sekuvalwe amehlo uMasipala waseMngeni okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, kungubufakazi bokuthi ukungavoti komuntu oyedwa okhethweni lwangoMeyi kungashintsha izinto.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isikhangiso sokuqala seDA sokhetho esizokhonjiswa kwithelevishini.
Kulesikhangiso iDA iqhosha ngokufuqa intuthuko emikhandlwini eyiphethe.
USteenhuisen uthe iningi lemikhandlu abayiphethe bayiwina ngamavoti amancane.
I-DA yahlwitha i-ANC uMasipala waseMngeni ngamavoti angu-44, nokungumkhandlu wokuqala KwaZulu-Natal ophethwe iDA.
Ngo-2006, i-DA yawina uMasipala waseCape Town ngevoti elilodwa.
“Yomibili lemikhandlu neminye ephethwe iDA isiphenduke yaba yisibonelo esihle. Imikhandlu ephethwe iDA yenza kahle kakhulu,” kusho uSteenhuisen.
Uthe ukunqoba kwabo lemikhandlu ngamavoti amancane kumele kukhuthaze bonke abantu bakuleli ukuthi bayovota ngoMeyi 29.
Nakuba iDA yaziwa ngokuphatha kahle komasipala ebusa kubona uthe abantu bayakhohlwa ukuthi baqale kanjani. Indlela ibeyinde kakhulu, baqale kancane, balokhu bekhula.
Isifundo esibalulekile lapha uthe wukuthi wonke umuntu avote. Isimo ababhekene naso sibi kakhulu, akufanele kube khona umuntu ongezukuvota.
“Sinxusa bonke labo asebelahlekelwe ithemba ukuba bangadikibali, bahambe bayovota. Ivoti elilodwa lingawenza umehluko uma sekubalwa.
“Ukuvota yisona sikhali esikhulu esinaso esingasisebenzisa ukuzwakalisa uvo lwethu. Ukungavoti nokuvota kwakho kungacacisa ukuthi izwe liphathwa ngokubambisana i-ANC, MK ne-EFF noma liphathwa ngokubambisana ngamaqembu asebenzisana neDA,” esho.
Esikhangisweni kuvela kakhulu izimeya zomasipala abaphethwe yileliqembu, lapho zikhuluma khona ngezikwenzile kusukela zaqokelwa ezikhundleni.
USteenhuisen uthe abantu bakuleli bakhathele wukungazitholi izidingo.
Unxuse abantu bakuleli ngokungapheli amandla, kuningi okufanele kubajabulise njengoba kuyiwa okhethweni, maningi amathuba okuthi i-ANC iphume emandleni.
Lokhu uthi kuzonikeza ithuba amaqembu ahambisana neDA ukuba aphathe.
USteenhuisen uthe isikhangiso sizoqala sikhonjiswe kwiziteshi zethelevision ezahlukene maduze.
“Lokhu kuzoqinisa kakhulu umkhankaso wethu. Sizimisele ngokutakula abantu baseNingizimu Afrika kulolu sizi ababhekene nalo,” kuphetha lomholi.