UMNYANGO wezokuThutha uthi sekuseduze ufike umshini ozoshicilela ngokushesha amalayisensi okushayela.
Lo mshini ozolandwa e-Europe kulindeleke ukuthi ushicilele amalayisensi kungakadluli izinsuku ezinhlanu.
Bekufanele ufike ngoMeyi kodwa awufikanga ngenxa yokuthi kusalandelwa izinhlelo zikahulumeni zokuthenga impahla.
UMnuz Collen Msibi okhulumela uMnyango wezokuThutha, uthe bekufanele kulandelwe izinhlelo zokuthenga impahla kodwa wona umshini ozoshicilela amalayisensi ngokushesha uyeza.
“Sicela abantu basibekezelele ngoba simatasa nezinhlelo ezilandelwa uma kuthengwa impahla. Sizodedela ikomiti elibhekele amabhidi okuthengwa kwempahla ukuba lenze umsebenzi walo,” kusho uMsibi.
Uthe okwamanje akekho umuntu oselinde isikhathi eside engayitholi ilayisensi kodwa kuzothengwa umshini omusha ngoba omdala usufa njalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi seCovid-19 kwaphazamiseka ukushicilelwa kwamalayisensi emuva kokufa komshini wokuwashicilela.
Kwavela ukuthi umshini wawuthengwe eGermany ngo-1998, uma ufile kuyama ukushicilelwa kwamalayisensi kwazise izipele zokuwulungisa zilandwa eGermany.
UMnuz Fikile Mbalula owayenguNgqongqoshe wezokuThutha waveza ukuthi izinsimbi zokuwulungisa azikho kuleli futhi naseGermany abasalusebenzisi lolu hlobo lomshini ukushicilela amalayisensi.
Yikhona lokhu okwenza ukuthi uhulumeni anqume ukuthenga umshini omusha wokushicilela amalayisensi okuthiwa azohluka kakhulu kulawa akhona njengamanje ngoba azobe esenobuchwepheshe obuthe xaxa.
Kulindeleke ukuthi amalayisensi amasha abe yikhadi elicishe lifane nelomazisi omusha. Kuthiwa nawo azoba nemininingwane yomuntu akwazi nokusebenzisa ubuchwepheshe be-biometric.