USOMABHIZINISI onesithembu ufuna ukufaka igxalaba ngenhloso yokulekelela abantu abasha ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UDkt Thobani Makhaza ongowaseRichasrds Bay ngokudabuka, uthi lokhu bakwenza ngaphani kwenhlangano yakhe engenzi inzuzo, iMind Empowers Youth Organisation (Meyo).
UMakhaza uyisikhulu esiphezulu senkampani iZomaster Family Construction ne-Africa Proud Traditional Attire (Apta).
"Ngiwumuntu okholelwayo kakhulu ekufezekisweni kwamaphupho abantu abasha. Yingakho nje sasungula lolu hlelo lokulekelela abafundi ngemifundaze ezikhungweni zemfundo ePhakeme,''usho kanje.
UMakhaza owake wahlala emgwaqweni uthi kuhlale kuyiphupho lakhe ukubona abantu abasha basesifundazweni iKwaZulu Natla bephila impilo engcono.
"Impilo engcono ngikholwa wukuthi kuba lula ukuthi ifike uma uhlome ngemfundo. Siyabakhuthaza bonke abantu abasha ukuba bazifake izicelo kithina,''usho kanje.
Imifundaze yakhe igxila kubantu abasha abenza i-Electrical Engineering, Civil Engineering neChemical Engineering.
Uphinde aziwe ngezinkulumo zakhe ezakhayo ajwayele ukuzethula ezinhlelweni ezahlukene.
Ujwayele ukubonakala ohlelweni lweSABC 1 olubizwa ngokuthi yiListen For a Moment olungena njalo ngoLwesithathu ekuseni luphindwe ntambama ngalo lolu suku.
Uganwe nguNkk Sindisiwe Angel Makhaza (uMaNgcobo) benoNkk Snenhlanhla Precious Makhaza (uMaNgcongo).
Unabantwana abangu-8, abafana abangu-5 namantombazane amathathu.
Amahhovisi eMeyo atholakala kuSmith Street eThekwini.