UMLINGISI onguGoloza kaZwide kaLanga kuShaka Ilembe, uCalvin Ratladi, ngomunye wamaciko ahlabane kumaStandard Bank Young Artists Awards ngoLwesine.
Ngokuphumelela emunxeni wemidlalo yeshashalazi, uCalvin (34), uzosebenza ngokubambisana neStandard Bank neNational Arts Festival unyaka wonke.
Leli ciko elidabuka eMalahleni, eMpumalanga, lineziqu zokulingisa nezokuqondisa imidlalo elazithola eTshwane University of Technology futhi liphezu kwezeMaster's elizenza eNyuvesi yasePitoli.
Lo saziwayo udle umhlanganiso namanye amaciko, okungoNyakallo Maleke (visual arts), Modise Sekgothe (poetry), Muneyi (music), Siyasanga "Siya" Charles (jazz) no-Asanda Ruda (dance).
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaCalvin ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
UModise waseSoweto ucashunwe ethi kuye kuwukufezeka kwephupho leminyaka ukuhlabana ngomklomelo, wathi okunye okumjabulisayo ukuthi sekungokwesibili kuphumelela usonkondlo.
UNyakallo waseMohlakeng, eNorth West, uthe ubengakulindele neze ukudla ubhedu emunxeni okuke kwakhonya khona izingwazi ezinjengoMbongeni Ngema noSibongile Khumalo.
Oyisikhulu seNational Arts Festival, uMonica Newton, uthe bayabahalalisela abanqobe kulo nyaka, wathi lo mqhudelwano wezindondo usaqhubeka nokuvukuza ikhono emkhakheni sezobuciko nokubungaza amaciko ngenhloso yokufaka abaseza ngemuva ugqozi nofuqufuqu.
Lo mkhosi wezobuciko uzobanjelwa eMakhanda, e-Eastern Cape, kusukela ngoJuni 26 kuya kuJulayi 6.