UTHUSHUKE neqembu elisha uMnuz Ahmed Munzoor Shaik Emam oyilungu leNFP ePhalamende.
Izindaba zeqembu lika-Emam elisha zidalulwe wuMnuz Irvin Barnes we-NFP, ethi bayajabula ngokuhamba kwakhe.
I-NFP yaqembuka kwi-IFP ngo-2011 kuphuma owayengusihlalo, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, ongasekho emhlabeni. Umholi wayo ushona nje isimo seqembu sasivele singasesihle kahle kubhoke ubuqembuqembu nombango.
U-Emam ubehola iNFP ePhalamende futhi eyilungu leqembu eliqavile ebese lihlale isikhathi kuyona. UBarnes uthe u-Emam uvule iqembu, i-AM4C, futhi kubukeka sengathi lizongenela ukhetho.
‘’Sizwa sikhululekile futhi kwehle umthwalo ngokuhamba kwakhe ngoba ubebuye asidalele izinkinga eqenjini. Kuyaqapheleka ukuthi u-Emam uvule iqembu okuthiwa yi-AM4C. Thina sizimisele ngokuhlabela phambili singene esigabeni esisha sobumbano nenqubekela phambili,’’ kusho uBarnes.
Esithombeni esithunyele wuBarnes esiveza iqembu elisha, kuvela ikhanda lika-Emam nemibala efana neyenhlangano ebusayo, i-ANC, bese kuba wuphawu olubukeka sengathi yilanga liphuma.
Eceleni kwekhanda lika-Emam kubekwe uphawu lokuvota ebhokisini nolujwayele ukuvela uma iqembu likhankasela ukhetho.
Kwenzeka lokhu nje iNFP ivele ihlaselwe yizinkinga zombango wezikhundla, ihlala iphuma ingena ezinkantolo. Ihlalisa izingqungquthela kujike kubangwe kuzona kube mapeketwane.
Konke lokhu kwenzeka izwe lilungiselela ukhetho lukazwelonke okulindeleke ukuthi lube maphakathi nonyaka.