UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uchitha eyokuzodlala ipolitiki emnyangweni nokuzolwa nenyunyana yothisha iSadtu.
UNksz Gwarube uzibophezele ekutheni uzohlangana nezinhlaka ezehlukene ngoba zibaluleke kakhulu noma kungathiwa kuhlukenwe ngemibono.
Izinto azibeke eqhulwini lwazozenza, ukuqeda ngezindlu zangasese zomgodi ezikoleni, ukuphucula izinga lokufunda kubafundi abangakuqondi abakufundayo ukuphucula ingqalasizinda nokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabafundi.
“Angizile ukuzolwa izimpi zepolitiki noma ukuzofaka imigomo ye-DA kwezemfundo. Ngizosebenzisana nezinhlaka ezehlukene kwemfundo ngoba ngeke ngiwenze ngingedwa lo msebenzi.”
Ukusho lokhu ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika.
Usho kanje iSadtu yaphumela obala yachitha ukuqokwa kwakhe ikhala ngokuthi iqembu lakhe aliyifuni le nyunyana ngoba libona isitha nokuthi konke okungalungile kwezemfundo, kwenziwa yile nyunyana.
Le nyunyana isole ne-DA ngokuchitha umthetho wezikole obuchitshiyelwa olinde ukusayinwa nguMengameli Cyril Ramaphosa iBela Bill, onika amandla izinhloko zeminyango yezemfundo ezifundazweni ukuthi zinqume uma izikole sezigcwele kanjalo namanye amandla.
UNksz Gwarube (34) uthe kummangazile ukuthi kube nomuzwa onje kule nyunyana esanda kuqokwa.
“Odabeni oluthinta iBela Bill, ngizoxoxa noMengameli ngezinye izigatshana engingeneme ngazo. UMengameli unawo amandla okuwuphindisela ePhalamende lo mthetho, ukuze ulungiswe ngaphambi kokuba awusayine. Angicabangi ukuthi wonke lo mthetho kumele uchithwe kodwa izigatshana ezimbalwa ezidinga ukulungiswa,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe okwakhe yena ukuqinisekisa ukuthi abafundi abangu-14 million, ababhekele bayafunda.
“Okwami nje ukuqinisekisa ukuthi angibenzeli phansi abafundi. Okunye nokunye ngizokubona uma kuhamba isikhathi. Ngizoyiveza eminye imibono yami, ngeke ngidlale ngizosebenza.”
Uthe uzimisele nokuvakashela ezifundazweni ayohlangana nabaphathiswa beminyango, namathimba abo.
"Yinto engiyijahe kabi ukuhambela zonke izifundazwe ngihlangane nezikhulu zomnyango ngizwe ngezinto ezimbi, nezinhle ezidinga ukulungiswa. Ngizothola nalapho kuhamba kahle khona, ukuze siqinise kakhulu khona.“
Uthe uzoxhumana nanongoti kwezemfundo ukuze bamluleke ngezinye zezinto ezidinga ukulungiswa.
Uncome obenguNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, wathi usenamava kulo mkhakha ahlale kuwo iminyaka engu-15.
Uveze nokuthi uzosebenzisana nozakwabo osemnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Dean MacPherson, okwi-DA mayelana nezithinta ingqalasinda ezikoleni.